Kutholakale isilwane esomisiwe ezimayini 

Ibhola elinoboya obunsundu elitholwe abavukuzi base-Canada lihlonzwe njengengwejeje ye-Ice Age eqandisiwe eneminyaka engu-30,000 ubudala.

Ingwejeje yase-Arctic ibigoqekile ukuze ilale kamnandi nokuyinto esikisela ukuthi yayilele ubuthongo ngesikhathi ibayiqhwa.

Yatholwa ngo-2018 e-Hester Creek emasimini egolide e-Klondike okuyindawo eyayikade iyisikhungo segolide esiseduze nomngcele wase-Alaska, kubika i-Times.

Okutholakele kuzoboniswa esidlangalaleni maduze.

“Akubonakali kahle kuze kube ubona izandla ezincane nezinzipho. Bese ubona umsila omncane kanye namadlebe,” kusho uGrant Zazula oyisazi sezilwane zasendulo sikahulumeni wase-Yukon etshela i-CBC News.

“Ngenza ucwaningo ngamathambo ngaso sonke isikhathi futhi ayajabulisa. Acocekile ngempela. Kodwa uma ubona isilwane esilondolozwe ngokuphelele iminyaka engu-30,000 futhi ubona ubuso baso, isikhumba saso, uboya baso nakho konke okunye kuyinto ejabulisayo. Lokho kusenza siphile.”

Kuthiwa imigodi yezimayini inezinsalela zezilwane zasendulo ezasala ngesikhathi se-Ice Age.

Nyakenye ithimba lososayensi lathola i-woolly mammoth eneminyaka engu-30,000 ubudala egcinwe kahle endaweni efanayo e-Yukon.

Izingwejeje zase-Arctic zihlezi e-Arctic e-Yukon nanamuhla ngokungafani ne-wool mammoth engasekho.

Izingwejeje zakhelwe ukumba futhi ziyacasha ebusika.

“Izilwane esinazo lapha namuhla ziqine kakhulu ngoba kudingeka ukuthi zibekezelele lezi zinguquko eziningi esikhathini esidlule,” kusho uZazula.

“Ngakho-ke, leso isifundo esibaluleke kakhulu mayelana nokuzama ukucabanga ukuthi ukuguquka kwesimo sezulu esizayo kuzozithinta kanjani lezi zilwane.”

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Esithombeni esingenhla: Ingwejeje eqandisiwe

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva