Kutholakale isidumbu sowesilisa ngemuva kosuku edubule unkosikazi wakhe

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Ngemuva kokusebenza usuku olude uCarol-Ann Magielies ubengasakwazi ukulinda ukuthi afike ekhaya ukuze aphumule.

Ngo-7:05 ebusuku ngeSonto uphume ngomnyango wesibhedlela i-Life St George e-Gqeberha. Bekuwusuku lokugcina ebonakala ephila.

UMagielies (49) owamukela iziguli esibhedlela ubeyongena emotweni yakhe ngesikhathi umsolwa emdonsela eceleni emdubula kahlanu ngaphambi kokuthi abaleke ngezinyawo.

Uphenyo lwamaphoyisa luhlonze umdubuli njengowayeyisoka lakhe u-Elgin Maghienda (51).

UMagielies ubuyiselwe esibhedlela washonela khona ngemuva kwesikhashana ezungezwe abanye ozakwabo.

Amalungu omndeni achaze uMagielies njengomama onothando obenobudlelwano obusondelene kakhulu namadodakazi akhe amabili ahlala ePitoli.

Yize umndeni wakwaMagielies unethemba lokuthi ubulungiswa buzokwenziwa izigameko zenzeke ngokushesha.

NgoMsombuluko amaphoyisa abizelwe emjondolo ophakathi kwezindunduma ku-Marine Drive eduze kweNelson Mandela University lapho obekulele khona isidumbu sikaMaghienda nesibhamu eduze kwaso. Kubukeka sengathi umsolwa uzibulele.

Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Sandra Janse van Rensburg uthe amaphoyisa alunywe indlebe ngosolwa ngokuzibulala ku-Marine Drive.

“Abantu abahlala emjondolo phakathi kwezindunduma babone owesilisa ehamba ku-Marine Drive ebusuku ngeSonto.

“Bamnikeze indawo yokuhlala walala nabo,” kusho uJanse van Rensburg.

NgoMsombuluko ekuseni abahlali balo mjondolo bahambile bazivakashela.

UMaghienda ubesalele emjondolo ngaleso sikhathi.

Kodwa-ke, ngesikhathi bebuyela ekhaya bathole isidumbu sakhe futhi bekubukeka sengathi uzibulele. Isibhamu sitholwe endaweni yesigameko.

Amalungu omndeni kaMaghienda abizelwe endaweni yesigameko ukuzohlonza isidumbu.

UJanse van Rensburg uthe akusolwa isandla semfene ekushoneni kwakhe wathi isibhamu sithunyelwe ukuze siyohlolwa.

Esithombeni esingenhla: Isithombe esiwumfanekiso

Umthombo wesithombe: SAPS

Izihloko zakamuva