Kutholakale isidumbu somfanyana (8) obethunjiwe

Buziwe Nocuze

Isidumbu somfanyana (8) sitholwe ngemuva kwezinsuku eziyisithupha ethunjwe ngoLwesihlanu olwedlule eKapa.

Ngesikhathi uLukhololwam Mkontwana ethunjwa abathumbi bakhe bafune ukukhokhelwa u-R100 000, kanti umama wakhe ongumpheki ubengazi ukuthi uzokhokha ngani.

Umfanyana omncane ubedlala emgwaqweni nabangani bakhe ngesikhathi amadoda ambalwa eza kubo ngemoto.

Abathumbi babize uLukhololwam. Ngoba ubefunfdisiwe ukuqapha abantu abangabazi uye wenqaba, kodwa baye bamphoqa ukuthi eze kubo.

Bayibambe ngenkani ingane bayifaka emotweni ngenkani bahamba. Kamuva bathinta noumndeni wakhe befuna imali yokumhlenga.

NgoMgqibelo abathumbi bashayele umama wengane ucingo bamtshela ukuthi akhokhe u-R100 000. Ukuthi abathumbi baze kanjani ukuthi kumele baxhumana kanjani nomama wengane kwenze umndeni wakholelwa ukuthi abathumbi bayabazi.

Umama ubeneo-R3,000 kuphela kwi-akhawunti yakhe kanye nomkhawulo ka-R1,000 wokudlulisela imali, ngakho uye wafaka inani evunyelwe kuphelalemali abenalo.

Lokho kuthukuthelise abathumbi abamtshele ukuthi ayeke ukudlala athumele imali.

Bekungokokugcina ezwa ngabathumbi ngaphambi kokuthola izindaba ezibuhlungu zokushona kwendodana yakhe.

NgoMsombuluko ntambama umndeni uzwe kuthiwa isidumbu sengane silahlwe endaweni evulekile. BekunguLukhololwam.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa ugogo womfanyana obekhungathekile uthe abathumbi bababulele ngesikhathi bebulala uLukhololwam.

“Njengoba ubona sonke siphukile emoyeni, sicindezelekile futhi silimele. Basibulale kanye noLukhololwam. Angazi ukuthi senzeni ukuze sithole isijeziso esibuhlungu kangaka. Bekunguye yedwa umzukulu wethu.”

Uyise uYongama Kilo (32), akakholwa ukuthi umfanyana wakhe akasekho.

“Okumangazayo ukuthi ubekwesaba ukuthunjwa. Ngikhumbula ngimthuma esitolo, wangitshela ukuthi akafuni ukuhamba yedwa ngoba usaba ukuthunjwa.

“Ngesikhathi ngithola izindaba ngoLwesihlanu zokuthi akakabuyi ekhaya, angizange ngicabange ukuthi kukhona okubi okwenzekile. Akuzange kungene emqondweni wami ukuthi uthunjiwe.”

UKaputeni Frederick van Wyk wakwa-SAPS e-Western Cape ukuqinisekisile ukutholakala kwesidumbu sengane.

“Kuvulwe icala lokubulala ukuze kuphenywe. Kuzokwenziwa ukuhlolwa kwesidumbu ukuze kutholakale imbangela yokushona kwakhe.”

Unxuse noma ngabe ngubani ongaba nolwazi ngecala ukuthi athinte i-Crime Stop ku-08600 10111 noma asebenzise i-MySAPS App.

Izihloko zakamuva