
Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Abafundi esikoleni samabanga aphansi iVukanibantu eMotherwell, e-Gqeberha abagcinanga ngokubekezelela ukufunda ekilasini elibandayo eligcwele izimbobo kwisilingi namafasitela aphukile. Kudingeke ukuthi bahlanganyele amakilasi abo nabantu abangena makhaya.
Abafundi bakulesi sikole bantshontshelwa izincwadi zokubhala. Ngelinye ilanga ekuseni bangena ekilasini bafica indle igcotshwe ezindongweni kodwa okokugcina okuthusayo kube ngesikhathi bethola isidumbu ebesesiqala ukonakala emagcekeni esikole.
Ngesikhathi abafundi besikole sase-Motherwell e-Gqeberha behogela into abebecabanga ukuthi isilwane esifile balandele umkhondo wephunga elibi – kodwa bazithela phezu kwesidumbu sowesilisa emagcekeni esikole.
Omunye umzali utshele i-Scrolla.Africa ngezinto ezishaqisayo abafundi ababhekana nazo nsuku zonke esikoleni.
“Bahlezi bentshontsha izinto zokubhala zezingane, amakhebuli nezincwadi … benza ukungcola.
“Amasela angena ngophahla ukuze angene emakilasini futhi umnyango awenzi lutho. Ngesinye isikhathi amasela azikhulula kwelinye lamakilasi agcobe izindonga ngendle,” kusho uFaniswa Bobo etshela i-Scroll.Africa.
Omunye umzali uZoleka Fani (47) uthe ukhathazekile ngobugebengu obudlangile obenzeka esikoleni.
“Ngikhathazeke kakhulu ngezingane zethu. Leso sikole asiphephile ngoba akubiyelwe egcekeni futhi izigebengu zingena noma yinini.
“Uma izingane zingalimala igazi lazo lizoba ezandleni zomnyango wezemfundo,” esho.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape uMalibongwe Mtima uthe izikhulu ziyazazi lezi zinkinga eziphazamisa ukusebenza kwesikole kwansuku zonke.
“Isikole sithola ukunakwa umnyango. Sinezikole eziyisithupha eNelson Mandela Bay eziyingxenye yohlelo lwethu lokubiya,” kusho uMtima.
“Ngesonto eledlule kukhishwe amathenda okuthi kubiyelwe kanti osonkontileka bazoqala ngesonto lomhla ziyisikhombisa kuNhlangulana,” esho.
UMtima uthe umnyango uyazi ngesidumbu esitholwe egcekeni lesikole. “Udaba lusingathwa amaphoyisa – khumbula ukuthi asinabo ubungcweti bokuphatha udaba olunjalo.”
Okhulumela amaphoyisa uColonel Priscilla Naidu uluqinisekisile uphenyo. “Umufi uthole imihuzuko eminingi emzimbeni wakhe,” kusho uNaidu.
Esithombeni esingenhla: Iwindi eliphukile esikoleni samabanga aphansi iVukanibantu.
Isithombe ngenhla: Isimo sesikole
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe