Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Amaphoyisa aseGugulethu aqale uphenyo ngemuva kokuthi abasebenzi basedolobheni bathole isidumbu sosana emseleni (drain) eMoonlight Village, e-KTC, eKapa.
Ikhansela lakuWadi-38, uNkk Susan Zumana uthe akukhona okokuqala ngqa ingane esanda kuzalwa itholakala kanje.
Uke wacela iDolobha ukuthi kukhishwe amanzi ecabanga ukuthi ukuvaleka kwawo kudalwe yizimvula ezinamandla ezisanda kunetha kodwa wathuka woma ethola ingane emseleni.
UZumana uphuthume endaweni yesigameko wafikelwa ubuhlungu ngenxa yalokhu akubonayo.
“Ukubona isidumbu sengane engenacala emseleni kungephule inhliziyo,” esho nokuthi kusanda kwenzeka into efanayo muva nje.
UZumana ucabanga ukuthi kumele kwenziwe imikhankaso yokuqwashisa emalokishini ukuze kufundiswe abesifazane namantombazane amancane ngokugwema ukukhulelwa.
“Uhulumeni wethu uhlinzeka ngamaphilisi okuhlela amahhala emitholampilo. Sidinga ukukhumbuza abesifazane ukuthi basebenzise lezi zinsiza,” kusho yena.
Ufuna nabesifazane bazi ukuthi kunezindawo ezinganakekela izingane ezingafunwa.
Ukubulala ingane akusona isixazululo, uma bengakwazi ukunakekela ingane ziningi izindawo ezingasiza, kumele babuze nje,” kusho uZumana.
Isakhamuzi esingathandanga ukudalulwa sithe abesifazane basaqhubeka nokulahla izingane zabo ngoba abavamisile ukubanjwa.
“Isonto nesonto kuba nezigameko lapho izingane zitholakala ezindaweni okulahlwa kuzo noma emiseleni. Bayazi ukuthi kunzima ukuthi amaphoyisa ababambe ngoba balahla izingane kwenye indawo.”
Okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape, uWarrant Officer Joseph Swartbooi, uthe amaphoyisa aseGugulethu aphendule ucingo kuMoonlight Street. Bathole isidumbu sengane ngabo-3.30 ntambama.
“Abasebenzi bendawo bathole isidumbu ngesikhathi behlanza imisele endaweni. Ingane kuthiwa ishonile,” kusho uSwartbooi.
Ngasekuqaleni kwaleli sonto, abasebenza (recyclers) endaweni okulahlwa kuyo udoti e-Rietfontein e-Ekurhuleni bathole izingane ezimbili ezisanda kuzalwa ezishonile ezikhwameni zokulahla udoti.
Isithombe esingenhla: Umsele wamanzi esiphepho.
Umthombo: Stock