Kutholakale ingane esanda kuzalwa ilahliwe ngoSuku loMama

Lubhalwe nguSongeziwe Mapukata

Imvula ibina ngaphandle kwase-Mathatha ngesikhathi izwe ligubha uSuku loMama – kanti ngaphansi kwesihlahla esinameva ngasemgwaqeni u-N2 ingane encane yentombazane ibilwela impilo yayo.

Ingane ebikhala ibilahlwe ngase-Ultra City kanti itholakale igoqwe ngengubo yoboya emanzi nebandayo futhi itholwe umshayeli wetekisi ofike wayihlenga.

USinobom Stumpa ongumsamariya olungileyo osize ingane ubehamba ngemoto esuka eChris Hani elibangise enkabeni yedolobha e-Mthatha ehamba nomngani wakhe ngesikhathi ema endaweni yokugeza izimoto. Ngaleso sikhathi uye wezwa inkulumo phakathi kwabashayeli bamatekisi abebethi bezwe ukukhala kwengane kodwa bayasaba ukuyobheka.

“Omunye wabashayeli bamatekisi uthe ubeyozikhulula kulelo hlathi ngesikhathi ezwa ingane ikhala. Uye waphindela kwabanye abashayeli ukuze abatshele akuzwile futhi isililo sengane siye sakhula nokuyinto eyenze kwaba nzima ukuyiziba.”

Ngaphandle kokucabanga kabili uStuma uye waya ukuyobheka ukuthi umsindo uqhamukaphi.

“Ngesikhathi ngithola ingane ngiye ngabona ukuthi sekuphele amahora ambalwa ikuleya ndawo njengoba bese kushaye ihora lesihlanu ntambama ngesikhathi kwenzeka lokhu futhi bese kuqala ukuba mnyama,” esho.

UStumpa utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngenxa yemvula enamandla ngalolu suku enye yezingubo zoboya ingane ebigoqwe ngayo ibimanzi futhi ingane ibigodola kakhulu.

“Ngibe sengihamba ngayothenga i-Purity ukuze ngifunze ingane ngaphambi kokuthi ngihambe ngiye e-Central Police Station ngiyobika. Uma sifika emaphoyiseni angiphelezele ngaya ezitolo ngayothenga into eyodwa noma ezimbili zokugqokisa ingane ngoba ibinqunu.”

UStumpa wengeze ngokuthi ingane incane kakhulu kangangokuthi ibisanenongwane.

Uthe amaphoyisa alibangise esibhedlela i-Mthatha Regional ukuze ingane iyohlolwa ukuthi ngabe injani kanti ngemuva kwalokho ahambise ingane ekhaya lezintandane elise-Ikhwezi.

Ngesikhathi ethintwa ukuthi aphawule uWarrant Officer Majola Nkohli wakwa-SAPS uthe umbiko ocashuniwe esiteshini samaphoyisa ubungakafiki etafuleni lakhe.

Esithombeni esingenhla: USinobom Stumpa usindise usana lwentombazane emakhazeni emvula ngoSuku loMama 

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva