Kutholakale iloli lamasosha elalintshontshiwe seliphenduke iloli eliphatha impahla yokwakha

Everson Luhanga

Kwantshontshwa iloli elihamba amasosha ngaphandle kwesitolo lapho kupakwa khona izimoto eThaba Tshwane ePitoli – ngesikhathi liphinde livela latholakala selishintshwe igama lisetshenziswa njengeloli elithwala impahla yokwakha.

Belibhalwe igama elithi-“BRICKS AND SAND” eceleni kanye nenombolo yomphathi wendawo noma waleli bhizinisi.

Amaphoyisa angamasosha enza uphenyo olunzulu ngendaba yeloli kanti bazolithola ngesikhathi bemisa iloli ebelithwele izinto zokwakha.

Okhulumela umbutho wezokuvikela kazwelonke (i-SANDF) uBrigadier General Mafi Mgobozi utshele i-Scrolla.Afrika ukuthi amaphoyisa angamasosha asebhalise amadokhethi amathathu: elokuntshontsha impahla kahulumeni, elokulahla impahla yombuso ngokungaqondakali kanye nelokusebenzisa impahla kahulumeni entshontshiwe.

UMgobozi uthe amaphoyisa angamasosha phambilini aqale abopha umshayeli weloli mhla zingama-28 kuNtulikazi ngecala lobudedengu aphinde aqhubeka nophenyo.

Uthe ngemuva kwalenhlekelele, i-provost yemashali yesifunda esebenza negatsha lophenyo lochwepheshe kanye nehhovisi lamaphoyisa angamasosha baphenya icala baphinde babheke iloli elintshontshiwe.

“Ngesikhathi belunywa indlebe mhla ziyi-15 kuMandulo, bamisa iloli elalisolisa e-Mabopane ezimpambanweni zomgwaqo,” kusho uMgobozi.

“Iloli belibuya kothulula izitini ebezifakwe ngemuva. Kukhona izimpawu abakwazile ukuzibona base bakwazi ukubona ukuthi leli loli lintshontshiwe,”

Uthe iloli belinophawu lwenombolo yemoto engumkokotelo ingenayo i-disc yelayisensi, kodwa ibisibhalwe inombolo yomphathi webhizinisi, yaphinde yabhalwa igama elithi-bricks and sand eceleni kwesayidi leloli.

Kuboshwe abasolwa ababili futhi bazogcinwa esitokisini ngaphambi kokuba bavele enkantolo yemantshi e-Garankuwa mhla ziyi-17 kuMandulo ngonyaka wezi-2021, ngokusho kukaMgobozi.

Udaba luhlehlisiwe, kodwa uphenyo luyaqhubeka olwenziwa amaphoyisa angamasosha kanye nombutho wamaphoyisa (i-SAPS) obhekana nokwebiwa kwezinto zikahulumeni.

Izihloko zakamuva