Kuthiwa umndeni wakwaMoti ukhokhe izigidi ezingama-R50 ukuze izelamani zibuye ziphephile

Dylan Bettencourt

Ngokwemibiko izelamani ezine zakwaMoti zidedelwe ngemuva kokuthi umndeni ukhokhe izigidi ezingama-R50.

I-News24 ithe imithombo yabezomthetho iveze ukuthi izelamani ezine, uZiya, uZayyad, u-Alaan kanye noZidan abebethunjwe amasonto amathathu, baphinde babuyiselwa ekhaya labo ngoba umndeni ukhokhe imali engukheshi eyizigidi ezingama-R50.

Kodwa okhulumela umndeni uKeshia Patchiappen uzichithile lezi zinsolo.

“Kube nokuqagela okuningi futhi kusabalale imininingwane engamanga mayelana nezimo zokuthumba. Umndeni wakwaMoti uthanda ukucacisa ukuthi akukho mali ekhokhiwe,” kusho uPatchiappen.

UPatchiappen uthe abakwa-SAPS yibona ababewusizo ekubuyeni kwabafana bephephile.

“Sibonga kakhulu ngokuzinikela kwabo. Ngeshwa ngeke sikwazi ukuphawula kabanzi njengoba lena kuyimininingwane ebucayi ethinta uphenyo oluqhubekayo,” esho.

Nokho, i-News24 ibike ukuthi inkokhelo yenziwe ngemuva kwezingxoxo phakathi kwabammele umndeni nabathumbi abathinta umndeni wakwaMoti ngosuku lokuthumba.

Umndeni wakwaMoti, osomabhizinisi abaqavile e-Polokwane kuthiwa uvumile ukuthi uzoyikhokha le mali ngemuva kokuthola ubufakazi bokuphila kwezingane abanikwe bona ngemuva kwesonto kuthunjwe izingane njengoba kubike i-IOL.

Kube nezingxoxo zokushintshanisa ngento ebonakalayo, okuyimali kulesi sigameko, yabekwa endaweni ehleliwe kuthe ngenkathi isithathiwe, abathumbi babuyisela izingane ezithunjiwe.

Lezi zelamani ezine zibuyiselwe ekhaya ngoLwesine mhla ziyi-11 kuLwezi ngemuva kokuba amaphoyisa ethole isaziso sokuthi izingane zehliswe endaweni engamakhilomitha angaphezu kwangama-200 ukusuka lapho ezihlala khona e-Vuwani.

Amaphoyisa ashayelwe ucingo umhlali owatshele ukuthi izingane zifikele endlini yakhe ngemuva  kokwehliswa emgwaqeni oseduze.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Vish Naidoo uthe amaphoyisa abize udokotela, obaqinisekise ukuthi izingane zisesimeni esikahle ngaphambi kokuthi zinikezwe abazali bazo.

“Izingane bezibonakala zijabule ngesikhathi sezihlangena nabazali bazo,” kusho uNaidoo.

Okwamanje bekungakaboshwa muntu mayelana nalesi sigameko.

Lezi zelamani ezine zathunjwa ngoMfumfu ziya esikoleni ngesikhathi amadoda ayisikhombisa abehlomile ebamba iveni labo, adubula imoto ngaphambi kokuthumba abafana ase eshiya umshayeli.

Izihloko zakamuva