Kuthiwa inkosana u-Andrew wayengumuntu othanda ucansi ngokwedlulele

Kamogelo Olaitan

Owayi-massage therapist kaPrince Andrew uthi indodana yesibili yeNdlovukazi u-Elizabeth “wayengumuntu othanda ucansi” futhi “efuna okungaphezulu” njalo uma embhocabhoca.

U-Emma Gruenbaum oneminyaka engu-50, engxoxweni abe nayo ne-The Sun uthe uDuke of York wazame ukumanga ngemuva kwamaseshini emasaji e-Royal Lodge e-Windsor Great Park futhi wayelokhu ephikelela ukuthi abe nqunu.

Kuthiwa iNkosana u-Andrew yambuza umbuzo owamcasula lapho uGruenbaum amphendula khona ngokumthuka futhi wamtshela egcwele ukucasuka ukuthi “akufuni wena lokho”.

Uthi lokhu, kwenzeka ngosuku lokuqala ngesikhathi eyombhocabhoca u-Andrew e-Royal Lodge ngemuva kokuthi unobhala wakhe emumemile.

“Bengizama ukulungisa itafula lokumbhocabhoca ngesikhathi ngizwa izwi lika-Andrew ngemuva kwami,” esho.

Izinsolo zikaGruenbaum zeza ngemuva kokuthi ithimba labammeli beNkosana u-Andrew lithe ummangaleli wakhe uVirginia Roberts Giuffre “angahle asho  okungamanga”.

UGiuffre usola ukuthi uJeffrey Epstein ongasekho owalahlwa yicala locansi wamphoqa ukuthi enze ucansi neNkosana u-Andrew endlini yakhe eyisithabathaba e-New York, e-London, nasesiqhingini esizimele sase-Epstein e-US Virgin Islands ngo-2001 ngesikhathi eneminyaka engu-17.

Emaphepheni asenkantolo uGiuffre uphinde wathi wayeshushumbiselwa ucansi evela e-Australia.

UGruenbaum utshele i-The Sun ukuthi wayenamakhasimende amaningi asezingeni eliphezulu futhi wayevame ukuvakashela amakhaya awo kodwa u-Andrew wayehluke kakhulu.

“Wayengumuntu othanda ukwenza ucansi njalo kusukela ekuqaleni,” esho.

Uqhube wathi njalo wayebheka eceleni uma u-Andrew efika etafuleni futhi wayeqinisekisa ukuthi kunethawula elizomboza, kodwa u-Andrew wayehlezi enqunu ngaphansi kwethawula.

“Ngaso sonke isikhathi uma ngimbhocabhoca wayekhuluma ngocansi lwezinqa futhi enze amahlaya ocansi lwezinqa. Wayebuza ukuthi ngigcine nini ukwenza ucansi. Lokhu kwakuyinto eyayiqhubeka  njalo.

“Ngangilokhu ngithi akathule kodwa ngasheshe ngabona ukuthi uyathanda uma kukhulunywa naye sengathi ungumfana wesikole ogangile,” esho.

Kusolwa ukuthi ngemuva kokuvakashela  uDuke of York cishe masonto onke izinyanga ezimbili, uthi wayeka ukuthola izingcingo kubasebenzi bakhe ukuze ahlele izikhathi zokumbhocabhoca.

Izihloko zakamuva