Nyambeni Mandiwana
Abantu abathenjiswe isinxephezelo ngemuva kokuthuthwa ngesikhathi kwakhiwa idamu i-Nandoni e-Thohoyandou, e-Limpopo bazokwamukela isipho sikaKhisimusi ngaphambi kukaKhisimusi.
UMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle (i-DWS) uqale ukwenza izinxephezelo sawo ngoLwesithathu.
Imiphakathi yase-Budeli, e-Mulenzhe, e-Tshiulungoma, e-Dididi kanye nakwezinye izigodi ezingama-30 esifundeni sase-Vhembe yasuswa ezindlini zayo ngowe-1998 ukuze kuvuleleke idamu i-Nandoni futhi yathenjiswa izinxephezelo.
Abahlali balahlekelwa umhlaba wezitshalo nezingadi zezithelo futhi kwadingeka ukuthi imindeni ebihlala kwizindlu ezingaphezu kwezingama-400 ithuthwe.
Ukwakhiwa kweDamu i-Nandoni, elizohlinzeka ngamanzi esiFundeni sase-Vhembe, kwaqalwa ngowe-1998 kwaqedwa ngowezi-2005 ngemali elinganiselwa kuzigidi ezingama-R373.3.
Umhlomuli ojabulile, uPhineas Mathavha wasesigodini sase-Dididi utshele i-Scrollla.Africa ukuthi uma ethola inkokhelo yakhe uzotshala imali yemfundo ephakeme yezingane zakhe.
“Ngizonweba nendlu yami enamagumbi amahlanu ukuze kungabelwanwa ngamagumbi. Silahlekelwe ingxenye yethu yomhlaba evundile futhi le mali izosula izinyembezi zethu. Kwathuthwa imindeni ebalelwa kwengama-400. Abanye abahlomulile sebashona,” kusho uMathavha.
UMasindi Tshamano ongasebenzi wasesigodini sase-Mulenzhe uthe uhlela ukuvula indawo yokugeza izimoto ehlanganisa neshisa nyama eduze komgwaqo iPunda Maria.
“Ngangisebenza enkampanini ekhiqiza amakhandlela ezinze eGoli ngaphambi kokuthi bangidilize bangishiya ngidangele e-Tembisa. Awukwazi ukuphila eGoli uma ungasebenzi ngakho-ke ngisekhaya,” esho.
“Uhlelo lwami lwebhizinisi selulungile futhi ngizokhuluma nabaholi bendabuko ukuze banginikeze indawo eseceleni komgwaqo uma nje ngithola isinxephezelo sami.”
Umphathi wezokuxhumana kwa-DWS, uFhatuwani Tshikulumela uthe basungule isikhungo sokunakekela amakhasimende ehhovisi lesizwe sase-Mulenzhe ngoLwesithathu. Uthe lesi sikhungo sizoxhumana nemiphakathi eyahlukene ethinteke ngqo yilolu hlelo.
“Umnyango ufuna ukuphothula zonke izinkokhelo ezisele mhla ziyi-14 kuZibandlela wezi-2021,” esho.
“Sesiqinise umkhankaso wethu wokuthungatha abantu abangaphezu kwabangama-200 abahlomule ngokufuduka ngalo mkhankaso ozokwenzeka ezinsukwini ezinhlanu ezizayo.”
Bonke abahlomuli abangakayitholi imali abafuna ukuqinisekisa imininingwane yabo eyimfihlo bangashayela kunombolo ethi-0800 200 200 ukuze kuqinisekiswe omazisi babo futhi kubhekwe ukuthi basohlwini lwabahlomuli abathutha e-Nandoni yini.