Kuthandezelwa ukuthi sibuye siphephile isikhulu somkhandlu esithunjiwe

Nothando Makhubela

Sekuphele izinsuku eziyisikhombisa amadoda azenza amaphoyisa ethumbe umphathi kamasipala wesifunda saseNkangala uMaggie Skosana nomshayeli wakhe uGugu Mtsweni.

Bathunjwe phambi kwamahhovisi kamasipala e-Middelburg, eMpumalanga.

Manje umndeni kaSkosana uthandazela ukuthi abuye ephephile.

Okhulumela umndeni uDkt Peter Skosana utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bafuna nje ukubona uSkosana ebuya ekhaya ephephile.

“Amathuba okuthi abuye ekhaya ephephile ayancipha, ngakho-ke ngingathanda ukungaphawuli kakhulu,” esho. “Sithandazela ukuthi abuye ephephile.”

Abaphenyi be-Specialized Security Services (SSS) bakuqinisekisile kuleli phephandaba ukuthi abathumbi bafuna isihlengo ukuze kukhululwe uSkosana noMtsweni.

“Yebo, abathumbi sebeyifunile imali yesihlengo futhi sesibahlonzile abantu abathintekayo kanye neqembu abasebenzisana nalo,” kusho uMorney Vos we-SSS.

Kodwa-ke uVos wenqabile ukuqinisekisa ukuthi imali efunwa abathumbi u-R5 million.

“Asikwazi ukudalula ukuthi malini efunwa abathumbi,” engeza ngokuthi “inhloso yethu enkulu wukubabuyisela emindenini yabo bephephile.”

Ngokusho komthombo ongathandanga ukudalulwa, abathintekayo kulokhu kuthunjwa bafuna u-R5 million ukuze kukhululwe uSkosana.

UColonel Donald Mdluli wamaphoyisa aseMpumalanga uthe laba besifazane ababili abakatholakali kanti basaqhubeka nokubathungatha.

“Uma sekuvela eminye imininingwane, sizonazisa,” kusho uMdluli.

Imoto kaSkosana itholwe ngamaphoyisa ngasemayini ngemuva kwamahora ethunjiwe inesihlalo sakhe esinamasondo, isikhwama sezandla nezinye izimpahla.

IMeya yaseNkangala uLeah Mabuza unxuse noma ngabe ngubani ongaba nolwazi ukuthi athinte amaphoyisa ngokushesha.

“Siyakholwa ukuthi bazotholakala ngokuhamba kwesikhathi. Sicela wonke umuntu avumele amaphoyisa enze uphenyo ngaphandle kwezihibe. Sinxusa ukuthi sonke sehlise umoya sinikeze iziphathimandla ithuba lokuxazulula lesi simo esinzima,” esho.

Amaphoyisa acele ongaba nolwazi ngaleli cala ukuthi athinte uLieutenant Motha ku-082-462-2746.

Isithombe esingenhla: UMaggie Skosana

Izihloko zakamuva