Kuteleke abashayeli bamabhasi bekhala ngokungaholi

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Abashayeli bakwa-Northwest Transport Investment (NTI) baphinde bashiya umsebenzi ngoba bengakhokheliwe amaholo.

Abashayeli abangaphezu kuka-1 500 base-Mabopane, e-Temba, e-Waltloo nase-Tshwane West bathi sekuphele izinyanga ezintathu bengaholi.

NgoMsombuluko ekuseni abashayeli abebesebenzela edepho yase-Mabopane nase-Hammanskraal kuthiwa babhoboze amathayi amabhasi ukuze bangabe besekwazi ukuyolanda abagibeli.

Nyakenye, abashayeli bashiya umsebenzi isikhathi esingangenyanga ngemuva kokungaholelwa izinyanga eziyisithupha.

Inkampani yamabhasi yafaka isicelo sokuhlenga ibhizinisi yathola uxhaso luka-R60 million kuhulumeni.

Ngemuva kokuhlangana nale nkampani, uKedibone Diale-Tlabela onguNgqongqoshe wezokuThutha nokuThuthukiswa koMphakathi e-Gauteng, uthe sekusungulwe ithimba lezikhulu eziphezulu zase-Gauteng nase-North West ukuqinisekisa ukuthi le nkampani iyatakulwa futhi iyakwazi nokukhokha izikweletu zayo.

Umgibeli uLauren Dhlomo uthe: “Sikhathele yizinsiza ezibhedayo ezivela kwabe-NTI. Amabhasi abo madala futhi afa njalo. Kwesinye isikhathi sitshelwa ukuthi udizili awukho noma amabhasi awasebenzi. Kwesinye isikhathi abashayeli bateleka ngenxa yokungaholi. Sikhathele.”

Omunye umgibeli uBotsang Mashego, uthe izinselelo zale nkampani ziqale ngo-2018 futhi ziye zabhebhetheka kakhulu ngokuhamba kweminyaka.

“Le nkampani ayinandaba nathi. 

Ngathenga ithikithi lebhasi lanyanga zonke kodwa ngathola ngehora lesine ekuseni kulesi sitobhi ukuthi amabhasi awasebenzi.

“Izenzo zabo ziyasithinta njengamakhasimende. Anginayo imali yetekisi. Manje ngiyaphoqeleka ukuthi ngifake isicelo sokubolekwa imali ukuze ngikwazi ukuya emsebenzini yize nginethikithi lanyanga zonke,” usho kanje.

UMnuz Jack Mazibuko, onguNobhala Jikelele we-South African Transport and Allied Workers Union, uthe bayaseseka ngokugcwele isiteleka.

“Akunabulungiswa ukuthi inkampani ilindele ukuthi abasebenzi bafike emsebenzini nsuku zonke kodwa baphuze ukubakhokhela imiholo yabo.

“Laba bashayeli banemindeni ethembele kubo. Sizoxoxisana noNgqongqoshe wezokuThutha simbhalele ngezingqinamba nezimo zokusebenza abashayeli ababhekana nazo,” kusho uMazibuko.

Esithombeni esingenhla: Amabhasi afile

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva