Kusungulwe oluzovikela ukubulawa kwabaholi bendabuko

Celani Sikhakhane

Sekusungulwe uphiko olusha lwezomthetho oluzosiza amaphoyisa ukulwa nezigameko zokubulawa kwabaholi boMdabu KwaZulu-Natali.

Bangaphezu kuka-40 abaholi bendabuko ababulawa ngesihluku esifundazweni phakathi konyaka ka-2012 nonyaka ka-2021 kanti amacala abo abengakaxazululeki.

NgoLwesithathu, uNdunankulu uSihle Zikalala umemezele ukuthi uphiko olusha lwe-Community Safety Intervention luzosebenzisana nezinhlaka zomthetho ukuvikela ukubulawa kwabantu.

Lolu phiko luzobhekana nezinselelo ezithile eziphathelene nokuphepha nokuvikeleka kwabaHoli beNdabuko.

Ezinyangeni ezedlule, i-DA ne-IFP bebekhala ngokuthi uhulumeni kumele angenelele ukuze abheke nesimo sokwanda kokuhlaselwa kwabaholi bendabuko.

UZikalala uthe ukubulawa kwabaholi kukhathaza kakhulu esifundazweni.

Ngonyaka odlule kuvele emacaleni amaningi ukuthi ukubulawa kwabaholi bendabuko kuhlobene namaholo akhokhelwa izinduna kanjalo nezingxabano zemindeni.

Scrolla World Cup Quiz