Dylan Bettencourt
Sekuqalwe umkhankaso wemali ukuze kunikezwe uTatjana Schoenmaker kanye noBianca Buitendag amabhonasi ngemuva kokuba bathole izindondo kumdlalo wama-olimpiki e-Tokyo.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bebedinwe begane unwabu ngemuva kokuba bathole ukuthi laba bobabili sebezikhandle kangaka ngokumela isizwe iminyaka emine, kodwa ayikho imali yokubongwa ngabakwenzile abazoyithola.
Lokhu kuza ngemuva kokuba uBarry Hendricks onguMengameli wenhlangano yaseNingizimu Afrika yezemidlalo aphinde abe kwikomidi lama-olimpiki (Sascoc)etshela i-Eyewitness News ukuthi angeke bekhokhele labadlali bama-olimpiki ibhonasi. Uphinde wathi inhlangano yabo isebenzisana nozakwabo ukuzama ukubasiza.
UMike Sharman ongumsunguli we-Matchkit uthe ku-twitter ngowezi-2016 uWayde van Niekerk wathola imali eyizi-500 000 ngokuwina indondo yegolide baphinde bamunika imali eyizi-150 000 ngokuqopha umlando bese kuthi uChad Le Clos wathola imali eyizi-200 000 ngokuwina indondo yesiliva. Lokhu kukhomba ukuthi uTatjana Schoenmaker kumele athole noma izi-850 000 bese kuthi uBuitendag athole imali izi-200 000.
USharman kanye noCarel abangabaphathi abakhulu kwezokumakhetha i-Easy Equities basungule umkhankaso wokuqongelela imali ukuze basize uSchoenmaker kanye noBuitendag bathole imali yokubongwa ngemizamo yabo emdlalweni yase-Toyko.
I-Nolte inikele ngemali eyizi-10 000 kumkhankaso yase igqugquzela abanye abantu ukuba basize kulo mkhankaso. Ngemuva kokuba kushaye ihora bese beqongelele imali eyizi-30 000 besizwa yizinkundla zokuxhumana ngokusabalalisa lolu daba.
Le ndaba iyaqhubeka.