Kusuke uthuthuva ngokuqashwa kwekhansela le-ANC elisolwa ngokuthatha ngozwane imali yabantu abanhlwempu ngo-2012

Celani Sikhakhane

I-ANC isolwa ngokushaya indiva indaba yomlando wobugebengu wekhansela elibhekene necala lokukhwabanisa, njengoba iqembu selqoke ukuthi ahole ikomiti lomkhandlu elizolwa nenkohlakalo.

Ngo-2012 uThandazani Mdladla wasolwa ngokuthatha ngozwane izimali ezazihloselwe izinhlelo zokuqeda ububha.

Ukuqokwa kwakhe ekomitini lomkhandlu we-ANC kule nyanga kususe umsindo kubaholi bakaMasipala Wendawo uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma eningizimu yeKwaZulu-Natali. Bathi amalungu eqembu elibusayo ebazi ngomlando wakhe, kodwa akhetha ukuwushaya indiva ngesikhathi kuqhubeka inhlolokhono.

Kuthiwa ngesikhathi esengusomabhizinisi, uMdladla wathinteka enkohlakalweni ngesikhathi entshontsha imali noNkk Nomagugu Luzulane owayeyimeya kaMasipala waseNgwe ngaleso sikhathi.

Uphenyo olwenziwa uphiko loKlebe luveze ukuthi imali engu-R60 000 eyayibekelwe isikhwama sokulwa nobubha yasetshenziswa emngcwabeni walowo okwakusolakala ukuthi uthandana nemeya.

Kuthiwa enye imali engu-R50 000 yakhokhelwa imeya, eyabe isihoxiswa esikhundleni sayo iqembu le-ANC.

Njengamanje bobabili uMdladla noLuzulane babhekene necala lokukhwabanisa.

Imithombo itshele i-Scrollla.Africa ukuthi abaholi be-ANC besifunda banqume ukulufihla lolu daba ngesikhathi kunenhlolokhono yekomiti lobuqotho emasontweni angaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya lwangenyanga edlule.

“Okusikhathazayo ukuthi lo muntu usahamba inkantolo ngecala lokukhwabanisa, kodwa banquma ukumqoka ukuthi amele iqembu kumasipala wethu,” kusho omunye umthombo.

Bathe uNgqongqoshe uNkosazane Dlamini-Zuma ubekhona ngesikhathi kufungiswa uMdladla namanye amakhansela ngoLwezi. Kuthiwa wenze inkulumo egcizelela ukubaluleka “kokungabandakanyeki nenkohlakalo”.

“Uze waxwayisa wonke amakhansela ngokuthi kumele angabandakanyeki enkohlakalweni ngoba uzophoxeka kakhulu uma umasipala oqanjwe ngaye ubhekena nezinkinga zomholi ongafanele nonenkohlakalo,” kusho umthombo.

UMdladla utshele i-Scroll.Africa ukuthi akekho esimeni esikahle sokukhuluma ngalolu daba.

“Ningishayele ucingo ngesinye isikhathi,” esho.

USindi Msomi, onguNobhala we-ANC esifundeni iHarry Gwala, osolwa ngokufihlela iKhomishana yoBulungiswa lolu daba, uthe uMdladla umsulwa kuze kube inkantolo iveza okwehlukile.

Izihloko zakamuva