Celani Sikhakhane
Kusuke uthuthuva ngesikhathi amalungu e-ANC egasela emcimbini wokugcotshwa womkhandlu kaMasipala weTheku obuseThekwini ngoMsombuluko.
Isixuku sabalandeli be-ANC abebecula izingoma zombhikisho bavuke umbhejazane badlula ezokuphepha bezophazamisa umhlangano, bavimba ukuthi kukhethwe iMeya entsha kamasipala, iPhini leMeya kanye noSotswebhu.
Izimo ezingezinhle ziqubuke ngemuva kokuthi i-EFF, IFP kanye nedlanzana lamaqembu amancane bememezele inhloso yabo yokuvotela owe-DA obengazimisele ngokungenela ukhetho lobumeya, uNicole Graham.
Iqembu elibusayo likwazile ukuthola isikhundla sikaSomlomo ngekhansela uMnu Thabani Nyawose, kodwa umhlangano obusenkundleni yemidlalo iMoses Mabhida uphenduke isiphithiphithi ngesikhathi i-IFP ivukela i-ANC ngomzuzu wokugcina ifuna ukuseka uGraham.
Ngokubona ukuthi abanawo amavoti anele ukuze kubekwe emqokele esikhundleni sobuMeya, uMnu uMxolisi Kaunda, amalungu e-ANC kuthiwa aqale ukuphazamisa umhlangano.
Bakhale ngomswakama ongaphakathi etendeni, bafuna ikhefu lemizuzu engama-30, kanti nogesi ngaphakathi enkundleni uke wanqamuka ngesinye isikhathi.
Ngemuva kwalokhu isixuku sigasele etendeni sajikijela izihlalo namatafula.
Ilungu eliphezulu le-DA likhulume ne-Scrollla.Africa lacela ukungadalulwa igama.
Uthe isinqumo samaqembu aphikisayo sokuphusha ozongenela i-DA sizoba inhlekelele eqenjini lakhe ngoba abazimisele ngokuphatha uMasipala weTheku, okuyidolobha elinesabelomali esingaphezu kwezigidigidi ezingama-R50 ngonyaka.
“Njengoba sifuna ukuketula i-ANC lapha eThekwini asizimisele ngokuphatha, yingakho singafakanga ngisho umuntu ozosimela esikhundleni sobuMeya,” esho.
“Ngakho-ke lesi senzo singase sibe yinhlekelele kithina uma sigcina ngokuwina isikhundla sobuMeya. Siyi-DA sikubeke kwacaca emhlanganweni wethu we-Provincial Executive ukuthi sijabulile ngoMngeni, kodwa nakwabanye omasipala sizoyiseka i-IFP ngaphandle kwesivumelwano.
“Yingakho silekelele i-IFP e-Vryheid, e-Newcastle nakubo bonke omasipala baseKZN,” kusho umholi we-DA.
Amaphoyisa akwa-SAPS namaphoyisa kamasipala waseThekwini athunyelwe ukuyoqapha ezindaweni ezakhelene nomcimbi, kodwa awenzanga lutho ukunqanda uthuthuva.
USomlomo osanda kukhethwa uNyawose utshele amakhansela ukuthi umhlangano uhlehliswe ngenxa yokuphela kukagesi kanti uzophinde uqhubeke ngoLwesithathu ekuseni.