Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
I-South African National Civic Organisation isikhombise i-ANC ukuthi ayinendaba nokuthi izizwa kanjani ngokubuyisa owayenguMengameli uJacob Zuma ukuthi ahole uhlaka lwayo lwesikhashana e-KZN.
Emhlanganweni obungoLwesibili ntambama, i-KZN Sanco ihlakazeke phakathi kulandela imiyalelo eyakhishwa ngenyanga edlule nguNobhala Jikelele we-ANC uMnu Fikile Mbalula yokuthi kumele ichithwe.
Lo myalelo uthathwe ngokuthi ngeminye yemizamo yokuchitha isikhundla sikaZuma kwezepolitiki futhi lokho kwenziwe izitha zakhe eziku-ANC.
Nokho emhlanganweni wangoLwesibili we-Sanco e-Coastland Hotel eMhlanga, enyakatho neTheku kusungulwe uhlaka lwesikhashana kwase kuqokwa uZuma ukuthi aluhole.
Kuphinde kwavela ukuthi lolu hlaka lugcwele amaqabane axoshwe ohlakeni lwe-ANC.
IPhini likaSihlalo wesikhashana we-Sanco e-KZN uLawrence Dube uthe akulona iqiniso ukuthi i-ANC ifuna ukuchitha uZuma, kodwa bafuna i-Sanco ibe nohlaka olufanele.
“I-Sanco yayinohlaka layo okwenza kube nzima ukuthi i-ANC ixhumane nathi, basicebisa ukuthi siyihlakaze i-Sanco sikhethe isigungu sesikhashana okuzoba yiso sodwa esizokhuluma ngezinhlelo zethu.
“UZuma, imina kanye namanye amaqabane sikhethwe ngendlela efanele ukuthi sihole uhlaka olusha lwesikhashana,” kusho uDube.
Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uZuma umqinisekisile ukuthi ngeke asungule iqembu lezepolitiki noma ajoyine inhlangano engaphandle kwe-ANC.
“Wangitshela ngokuzethemba ukuthi usayithanda i-ANC futhi uzosebenza kanzima nathi njenge-Sanco ukukhankasela i-ANC e-KZN futhi uyabonakala ukuthi usayithanda i-ANC ekujuleni kwenhliziyo yakhe,” kusho uDube.
I-Scrolla.Africa ibike emasontweni adlule ukuthi abanye ku-ANC bafuna ichithwe i-Sanco njengoba becasulwe ukukhethwa kukaZuma nyakenye ukuba ahole le nhlangano e-KZN.
Abanye bathi ulethwe ukuze avuselele umsebenzi wakhe wezepolitiki futhi alwe izimpi zakhe nge-Sanco.
Abanye abaholi be-Sanco e-Gauteng baze basho ukuthi ngeke bamangale uma i-Sanco e-KZN ifuna indodana kaZuma uDuduzane ibahole ngoba sebephendula le nhlangano ubukhosi bukaZuma.
Ngemuva kwekhwelo lokuhlakaza i-Sanco, i-KZN ibivele inezinhlelo zokubuyisa uZuma ukuze ahole uhlaka lwesikhashana olwenzeka ngoLwesibili ngesikhathi kusungulwa uhlaka olusha eThekwini.
Khonamanjalo umholi we-EFF uJulius Malema ngenyanga edlule utshele izintatheli ukuthi bahlela ukwamukela uZuma njengesosha labo elisha elizogqoka ibharethi ebomvu.
Isithombe esingenhla: Uhlaka olusha lwesikhashana lwe-Sanco oluholwa owayenguMengameli uJacob Zuma e-KZN.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe