Kusuke umsindo omkhulu endaweni yokucima ukoma eThekwini ngesikhathi kuhlulwa i-Ghana

Linda Ximba

Baswele umgodi wokucasha abalandeli be-Ghana ebebesendaweni  yokucima ukoma i-Happy Hippo Rooftop Bar  ngesikhathi i-Ghana iphuma kweye-Afcon.

Lendawo etholakala e-South Beach eThekwinj, icishe ifane ne-Hillbrow yaseGoli lapho zonke izinhlobo zamabhizinisi omshosha phansi ziqhutshwa khona kakhulu.

 Abafowethu baseNtshonalanga ne-Afrika batheleke ngabo-8:45 ebusuku bezobuka umdlalo ka-Group C we-Afcon we-Ghana kanye ne-Comoros Islands.

Ububona ngejezi abakade beligqokile ngesikhathi bengena ukuthi   baseka i-Ghana.

Uweta oyisixhwanguxhwangu uphawule ngokuthi ayikho into esadlalwe i-Ghana kulomqhudelwano,  esho ngesiZulu: “Ngifisa sengathi laba bafana bangakhishwa kulo mqhudelwano.”

Obekusengqondweni yakhe umdlalo weNingizimu Afrika kanye ne-Ghana owenzeka ngoLwezi ngonyaka odlule lapho iNingizimu Afrika yahluleka ukungena  emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba okwasusa omkhulu umsindo.

Ukuphawula kwakhe kumdonsele amanzi ngomsele njengoba abalandeli base-Ghana bemphendulile kodwa wangabezwa ngoba  bebengakhulumi ulwimi lwesingisi. Kodwa ububabona emehlweni ukuthi abathokozile ngokuphawula kwakhe.

Abalandeli base-Ghana kade belijabulele kakhulu ithuba lokuthi bangase badlulele esigabeni esilandelayo njengoba bebezobhekana nabadlali bokuqala abahlulwe ukuthola ngisho nephuzu elilodwa emidlalweni yabo emibili edlule.

Kodwa i-Comoros ibathele induku njengoba ibaguqise ngo 2-0 ngemuva nje komdlalo. Abathengi abangu-10 abakwazanga ukufihla injabulo yabo ngesikhathi i-Comoros ishaya igoli, okuze kwacasula abaqhamuka e-Ghana.

Kucasuke abaningi  enkundleni nangaphakathi endaweni yokucima ukoma  ngesikhathi umdlali wabo  wase-Ghana abamthembayo u-Andre Ayew ekhishwa ngekhadi elibomvu ngesikhathi bezama ukubuyela emdlalweni.

Lokhu kungenzeka ukuthi kube imbangela yomsindo osukile okuholele ekutheni kubizwe onogada ukuthi bazobheka isimo baphinde bakhiphe ngaphandle labo abakhonjwa ukuthi ibona abaphehla udlame.

Ngenhlanhla, akekho olimalile ngesikhathi kusuka umsindo abanye bethukana ngezinhlamba. 

Ngokusabela impilo yami, ngiphume nginyonyoba endaweni yokucima ukoma. Ngesikhathi ngifika ekhaya amaphuzu abeselingana.

Kodwa emizuzwini emihlanu ngaphambi kokuthi kuphele umdlalo, i-Comoros ishayele isipikili sokugcina ebhokisini yakhipha i-Ghana, ebuyela ezweni layo idangele.

Scrolla World Cup Quiz