Kusolwa ushevu wamagundane ngokufa kukaKedibone (6)

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu ngokushona komfundi webanga lokuqala uKedibone Usman iveze ukuthi ubulawe i-Aldicarb – ikhemikhali yokulawula izinambuzane esetshenziselwa ukubulala amagundane.

Ingane (6) igulile yashonela ekilasini layo ngemuva kwezinsolo zokuthi idle amabhisikidi uyise ayeyithengele wona esitolo sabaphuma emazweni angaphandle ngesikhathi isendleleni eya esikoleni e-Tsakane e-East Rand mhla ziyisithupha kuNhlolanja.

Isizathu esisolwayo sokushona kwengane siphambene nalokho okutholwe emiphumeleni yaselabhu kumasampula ezinhlobo ezimbili zamabhisikidi athathwe esitolo okukhulunywa ngaso.

Okhulumela uMkhandlu wase-Ekurhuleni, uZweli Dlamini uthe uphenyo lwabo luthole ukuthi amaphakethe amabhisikidi atholwe esitolo ahambisana nemithetho yokulebula futhi namaphakethe ayekhona.

“Azikho izimpawu zomuthi wokubulala amagundane kanti isitolo besisesimweni esigculisayo.” Kodwa-ke, umnikazi wesitolo ubengenaso isitifiketi sokwamukeleka futhi nesaziso somthetho sezinsuku ezingu-14 sakhishwa ngenxa yokungathobeli imithetho.

“Ekhaya lesisulu bekukhona imikhondo yomuthi wokubulala amagundane ngaphandle kwendlu. Akukho mkhondo woshevu wamagundane noma izinambuzane okuhlonziwe endlini,” kusho uDlamini.

Ezinye izingane ezine – ezineminyaka emibili, emithathu, eyisithupha neyisishiyagalolunye – nazo ziye zagula mhla ziyisithupha kuNhlolanja ngemuva kokudla amabhisikidi afanayo athengwa abazali bazo esitolo esisodwa. Baphuthunyiswe esibhedlela i-Pholosong basinda.

Uyise kaKedibone obesosizini, uLucky Mkhwanazi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umbiko waselebhu obonisa imikhondo ye-Aldicarb awusho lutho kuye.

“Ngiyazi ukuthi yini ebulale indodakazi yami. Engikudingayo manje ukuthi abanikazi besitolo baboshwe futhi baphendule ngokubeka ushevu wamagundane eduze nokudla abakuthengisayo.

“Sinenselelo yokuhlaselwa amagundane kule ndawo; Asisebenzisi izibulala-zinambuzane ngoba sinezingane ezincane,” kusho uMkhwanazi.

Lo baba uthe namanje unenkinga yokwamukela ukushona kwendodakazi yakhe.

“Asikaze sikuthole ukwelulekwa ngokwengqondo njengoba umtholampilo wendawo usithembise ukuthi uzosithinta uma sekukhona udokotela wezengqondo.

“Akusizi ukuthi ezinye izakhamizi zisole mina ngokushona kwakhe. Ngingayibulala kanjani indodakazi yami ngamabomu? Kuthiwani ngezinye izingane ezine ezidle amabhisikidi futhi zagula?” ebuza.

Esithombeni esingenhla: UKedibone Usman usengcwatshiwe.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva