Kusolwa ushevu ekudleni kushona izingane ezisencane 

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Omama ababili base-Mdantsane e-Eastern Cape basale bebambe ongezansi kulandela ukushona kwezingane zabo ezineminyaka ephakathi kowodwa nemine ubudala ngemuva kokudla ipharishi ngoLwesihlanu.

UNande Ndudane noKhanyisile Bambela bathi izingane zabo zishone ngemuva kokudla ipharishi lommbila we-vanilla lakwa-Top Score elithengwe e-Spar wendawo.

Amaphoyisa acele ukubona ipharishi abona izinhlayiya ezincane ezimnyama ngaphakathi, okwenza bakholwe ukuthi lezi zingane zidliswe ushevu.

UNdudane uthe ubone ukuthi kukhona okungahambi kahle enganeni eyodwa ngemuva kwemizuzu zidlile.

ULive Ndudane onezinyanga eziyishumi nesikhombisa ubudala ubekhihliza amagwebu ekhala ngesisu esibuhlungu.

“Sithe sisanake lokho, kwangena enye ingane endlini yaquleka,” kusho uNdudane.

“Sibathathe sabayisa emgwaqweni omkhulu ukuze sithole imoto. Ngaphambi kokuthi sifike khona, bekuphuma amagwebu emlonyeni nasemakhaleni,” usho kanje.

ULithemba Bambela oneminyaka emine kuthiwa uhlonzwe njengoshonile ngesikhathi befika esikhungweni sezempilo i-Nontyantyambo.

“Bathathe ezinye izingane ezimbili bangena nazo esikhungweni batshelwa ukuthi balinde i-ambulensi,” kusho yena. 

Kodwa izingane zishone ngaphambi kokuthi ziyiswe esibhedlela.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Siphokazi Mawisa uthe kuzokwenziwa ukuhlolwa kwezidumbu kanti uphenyo lusaqhubeka.

Izingane ezishonile nguLive Ndudane, onezinyanga ezingu-17, u-Iminathi Bambela onezinyanga ezingu-18 noLithemba Bambela oneminyaka emini.

Abakwa-Spar basuse zonke izinhlobo zepharishi lommbila we-Top Score emashalofini ngeSonto.

Umqondisi wakwa-Spar e-Eastern Cape uSiyolo Dick uthe bamise ukusatshalaliswa komkhiqizo njengoba kusaqhubeka uphenyo.

“Sithathe nezinyathelo zokususa umkhiqizo emashalofini ethu ngesikhathi kwenziwa izinyathelo ezidingekayo zokuphepha kokudla, okuhlanganisa nokuhlolwa kwaselabhorethri okuphelele,” kusho uDick.

Umasipala wase-Buffalo City ugasele ezitolo masonto onke ukuze iqinise umthetho wokuphepha kokudla.

IMeya uPrincess Faku ithe kunzima ukuqonda izigameko zokudla okunoshevu ngoba leli pharishi lithengwe esitolo esithenjwayo.

“Silapha ukuzokweseka umndeni kanye nalabomama abasebancane. Sifuna ukudlulisa amazwi enduduzo,” kusho uFaku.

E-Gauteng, zingu-207 izigameko zokudla okunoshevu ezibikiwe ezithinta izingane kusukela ekuqaleni kukaNhlolanja, kwashona eziyishumi.

Esithombeni ngenhla: UNande Ndudane noKhanyisile Bambela, omama bezingane eziashonile.

Umthombo: Uthunyelwe 

Izihloko zakamuva