Kusolwa uNgqongqoshe ngengozi efihlakele

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kusolwa uNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal ngokulimaza inqwaba yabantu ngesikhathi eshayela ephuzile ngemoto abengakaze agunyazwe ukuyishayela!

Ngokomthombo kahulumeni, kulimale abantu abaningi ngesikhathi uSipho Hlomuka eshayisa imoto yombuso e-light blue emgwaqeni onguthelawayeka u-N3 ngoLwesithathu olwedlule.

Yize kunezinsolo zokuthi izikhulu zoMnyango wezokuThutha esifundazweni zizamile ukufihla le ngozi, kodwa ivele kuleli sonto.

I-DA e-KZN ayichithanga sikhathi izwakalise ukukhathazeka kwayo. Iqembu selibhalele uNdunankulu uNomsa Dube Ncube incwadi emnxusa ukuthi enze uphenyo ngesigameko sikaHlomuka okuthiwa wayeshayela ephuzile.

UMnu Sharon Hoosen, oyilungu lekomidi lezokuthutha ku-DA kwisishayamthetho e-KZN usola ukuthi uHlomuka uthathe isinqumo sokuhamba ngemoto yombuso esikhundleni sokuvumela umshayeli ogunyaziwe ukuthi amhambise.

Njengoba kusolwa ukuthi ubephuzile eshayela, uHlomuka akakaze agunyazwe ukushayela imoto kwasekuqaleni!

“Siyi-DA sifuna kuphenywe ngokushesha ngalolu daba, sibheka ukuziphatha kukaNgqongqoshe uHlomuka njengento eyingozi,” kubhala uHoosen.

“Okunye sibhalele uMnyango wezokuThutha siwunxusa ukuthi udalule imininingwane egcwele ngale ngozi njengoba kubukeka sengathi kwenziwa imizamo yokushanela lesi sigameko ukuze kuvikelwe uNgqongqoshe.

UHlomuka yena uziqhelelanisile nezinsolo ze-DA, ephika izinsolo zokuthi ubeshayela yena futhi egcizelela ukuthi usohambweni olugunyaziwe.

Okubuhlungu ukuthi akukhona okokuqala osopolitiki base-KZN besolwa ngokushayela bedle amanzi amponjwana noma ngokubandakanyeka ezingozini zezimoto okuhlanganisa nezigameko ezithinta izimoto zabo.

Esinye sezibonelo ezigqamile sithinta uNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa kwezindawo zaseMakhaya ongasekho, uDkt Meshack Radebe imoto yakhe eyadala ingozi okukhulunywa ngayo kakhulu eyashiya umfana osemncane elimele kanzima ngesikhathi ishayisana nemoto yomndeni wakhe ku-N3. Imoto kaRadebe enamalambu aluhlaza yayihamba ngesivinini esikhulu.

Owayeyilungu lePhalamende le-EFF, uPhillip Mhlongo naye ungomunye othinteka emacaleni okushayela ephuzile nakuba ephikisana ngokuthi wayephuze umuthi wokukhwehlela hhayi utshwala.

UMzwakhe Sibisi, owayeyilungu lePhalamende le-National Freedom Party ubanjwe nezinhlawulo zomgwaqo ezingaphezu kuka-R5,000.

Isithombe esingenhla: UNdunankulu waKwaZulu-Natal uNomsa Dube Ncube kanye noNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi uSipho Hlomuka, kanti ingozi kubikwa ukuthi idalwe uNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi (kwesokudla)

Umthombo wesithombe: I-Twitter

Izihloko zakamuva