Kusolwa umjovo we-Covid kovuvukele ingalo

Lubhalwe nguSongeziwe Mapukata

Umjovo we-Covid-19 okwakuhloswe ukuthi uvikele uYamkela Seplane (14) ekuguleni uma etheleleka nge-coronavirus usudale isifo samathambo esesiphoqe ukuthi uYamkela ayeke isikole. 

Uzizwa eyisiboshwa njengoba engasakwazi ukudlala nabangani bakhe uma sekuphuma isikole.

Ngemuva kwezinyanga ezingu-12 elashwa ngodokotela, ongoti bakholelwa ukuthi uYamkela wayenomdlavuza emathanjeni akhe ohambisana nokungakhuli kahle kwamathambo.

Usizi lwakhe lwaqala ngomhlaka-25 kuLwezi nyakenye ngesikhathi uMnyango Wezempilo uvakashele isikole sakhe samabanga aphezulu i-Shawbury e-Qumbu, e-Eastern Cape bezogoma abafundi.

Ngemuva kokugoma ingalo yakhe yaqala ukuvuvukala.

Ubabekazi wakhe uNombuyekezo Seplane utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uYamkela uhlushwa izinhlungu ezingapheli osekuholele ekutheni avume ukuthi ingalo ingase inqunywe.

“Uthi ufuna kunqunywe ingalo ukuze abuyele esikoleni ngonyaka ozayo,” kusho uNombuyekezo.

Odokotela basesibhedlela iNelson Mandela Academic e-Mthatha bahlele ukuthi anqunywe ingalo ekupheleni kwale nyanga.

Kodwa ithimba lodokotela ophikweni lwe-Oncology esibhedlela i-St Frere, e-East London limfake ku-chemotherapy ngethemba lokulwa namasosha omzimba anomdlavuza.

UPetros Majola oyisishoshovu samalungelo ezingane e-Khula Community Project okunguyena okhulumela umndeni ngalolu daba uthe: “Odokotela abakuhlanganisi ukuvuvukala nokugoma njengoba bebheka ulwazi abanalo lokuthi akukaze kube khona obhekana nenkinga efana nalena yokuvuvukalelwa ingalo uma eqeda ukugoma  emhlabeni jikelele.”

UNombuyekezo uthi umshana wakhe usenenkinga yokugqoka izingubo azithandayo futhi sekumele akhethe izingubo ezingathinti ingalo.

“Ngisho kithina njengomndeni akuyona into ejabulisayo noma ebekezelelekayo ngenxa yomthwalo ohambisana nakho lokhu. Asikaze sithole ukwelulekwa ngesingakulindela njengoba uYamkela ezonqunywa ingalo. 

I-National Institute for Communicable Diseases ithi ukusabela okungekuhle emithini yokugoma kuyivelakancane kakhulu futhi kufanele kubikwe ikakhulukazi uma kubangela ukulaliswa esibhedlela.

Isithombe esingenhla siveza ingalo kaYamkela Seplane evuvukele

Izihloko zakamuva