Celani Sikhakhane
USihlalo we-EFF wesifunda obulewe ekuqaleni kwale nyanga kuthiwa ubezoba iPhini leMeya kuMasipala wesifunda uMkhanyakude enyakatho neKwaZulu-Natal.
UMxolisi Buthelezi ubulewe ngesihluku emasontweni amabili edlule esigamekweni sokulalelwa unyendle esendleleni eya emhlanganweni wekhokhasi ye-EFF.
Imithombo itshele i-Scrolla.Africa ukuthi kwavunyelwana ngokuthi uma i-IFP ikwazile ukukhipha i-ANC embusweni waseMkhanyakude uButhelezi uzobekwa esikhundleni sokuba iPhini leMeya kwazise njengoba bevota ne-EFF.
“I-EFF yenza isinqumo esicacile nyakenye sokuthi izovota ne-IFP bese bethola isikhundla sokuba iPhini leMeya,” kusho umthombo.
Umholi we-EFF esifundazweni uMnuz Vusi Khoza uqhelelene neqembu lakhe kulokhu wathi kuzonqunywa emhlanganweni wabo ukuthi ngubani okumele aphakanyiswe esikhundleni sePhini leMeya.
“Leso sikhundla besizonqunywa i-EFF njengoba i-IFP eMkhanyakude inezibalo ezanele zokuthatha umkhandlu ngakho ayisidingi thina,” kusho uKhoza.
Amalungu e-EFF ne-IFP nabaholi bawo bafike ngobuningi babo ngoMgqibelo ukuzovalelisa uButhelezi emngcwabeni wakhe obusesigodini saKwaSomkhele kwaHlabisa.
I-EFF isola ukuthi uButhelezi ubulewe ngenxa yombango phakathi kwe-ANC ne-IFP kubangwa ukulawula uMkhanyakude.
Okhulumela amaphoyisa eKZN uConstable Thenjiwe Ngcobo uthe basaphenya ngokubulawa kukaButhelezi kanti akekho osaboshiwe kuze kube yimanje.