Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
USiyasanga Busakwe okunguyena omdala futhi osinde esigamekweni sokudubula esidlule nemiphefumulo yabafowabo abathathu, ababili kubo abebesahamba isikole sokusoka ukwazile ukukhasa ngamadolo wafika ekhaya ukuze abikele umndeni wakhe ngalesi sigameko.
Lezi zelamani ezine zidutshulwe ezintatha zangoLwesibili esigamekweni okusolakala ukuthi esokuziphindiselela ngemuva kokuthi umfowabo omdala uMasibulele Busakwe (29) owadutshulwa wabulawa ezinyangeni ezimbili ezedlule emva kokuphazamisa imizamo yokweba imfuyo.
USiyasanga (29) udutshulwe engalweni nasemihlathini. Njengamanje uyalashwa esibhedlela.
Ngokusho kokhulumela umndeni uMncedisi Busakwe, uSiyasanga ukwazile ukukhasa ngamadolo wafika kubo wabikela umndeni wakhe ngemuva kokuthi abesilisa abebehlomile sebebalekile endaweni yesigameko.
“Ufike lapha ngemuva kwemizuzu engu-30 kwenzeke isigameko ukwazile ukukhasa ngamadolo ukuze afike ekhaya athole usizo. Simphuthumisa esibhedlela sabiza amaphoyisa. Besisaba ukuthi bazobuya bazomqedela.”
Umama wabo uNomthandazo Busakwe (51) uthe ubona sengathi uNkulunkulu umlahlile.
“NgoMfumfu ngashonelwa indodana yami yokuqala, njengamanje amadodana ami amathathu ashonile kuyilapho enye ilwela impilo yayo esibhedlela.”
“Ngenze siphi isono sokuthi uNkulunkulu avumele izinto ezinjena ukuba zenzeke kimi? Sengilahlekelwe ithemba manje,” kusho lo mama ekhungathekile.
Amadodana ashonile ahlonzwe ngo-Awonke (19), u-Anele (20), noSakhe (25).
U-Awonke ubesanda kuqeda ukubhala izivivinyo zakhe zikamatikuletsheni esikoleni samabanga aphezulu eMtebhele.
AbakwaBusakwe bakholelwa ukuthi ukubulawa kwamadodana abo bekuyisenzo sokuziphindiselela.
“UMasibulele ubengumnikazi wemfuyo, engahambisani nokwebiwa kwemfuyo okudlangile kulesi sigodi. Sisola ukuthi kungenzeka ukuthi babulawelwe imfuyo yomndeni,” kusho uMncedisi Busakwe
Okhulumela umndeni uphinde wengeza ngokuthi ngoMandulo uMasibulele omdala kuzelamani zaseBusakwe, ungomunye wabesilisa abajaha iveni elaligcwele izimvu zokwebiwa kule ndawo.
Isigameko sangoLwesibili singesesibili emlandweni kulendawo, kulandela isigameko sokudutshulwa kwabantu abaningi esikoleni sokusoka eTsomo ngo-2021 okwashiya kushone abafana abasakhula abathathu.
Isithombe esingenhla: Izelamani zakwaBusakwe ezingasekho emhlabeni.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe