Lungani Zungu
Ngemuva kokuchitha izinyanga ezine edingisiwe ngokwepolitiki, uZweli Mkhize kusolwa ukuba wakha itulo lokubuya ukuze alwisane noMengameli uCryil Ramaphosa.
UMkhize, owanikezwa ikhefu elikhethekile ngoNhlangulana kulandela icala lemali eyizigidi ezi-150 zamarandi, ulindeleke ukuba azijube njengoba efisa ukungenela isikhundla sokuba uMengameli weqembu le-ANC uma ngabe iqembu selibamba ingqungquthela yokuqoka ngoZibandlela ngonyaka ozayo.
Oweseka uZweli Mkhize KwaZulu-Natali uthe lo obenguNgqongqoshe wezempilo uyakhankasa ezifundazweni.
“Usehlangane nabantu abaningi abangamalungu eqembu le-ANC. Ufuna iskhundla esiphezulu futhi uzokhankasela ukuthola isikhundla sokuba uMengameli,” kusho oseqenjini ngaphakathi.
UMkhize, owayenguNdunankulu waKwaZulu-Natali waphinde waba umphathi umgcinimafa weqembu le-ANC, wayengomunye walaba ababekhankasela isikhundla sokuba uMengameli ngonyaka wezi-2017.
Yize kunjalo, waphuma ngehora lokugcina wanikeza uRamaphosa amandla amaningi, owahlula owayenguNkosikazi kaJacob Zuma, uNkosazana Dlamini-Zuma.
Ubesekwa i-Eastern Cape kanye namanye amagatsha KwaZulu-Natali.
Elinye ilungu elivelele lithe uMkhize unenhliziyo embi njengoba amanye amalungu eqembu le-ANC amkhipha njengoNgqongqoshe wezempilo ngoNhlangulana ngaphambi kokuba asule ukuze angathelwa ngehlazo lokudingiswa.
“Ubengajabulile neze ngendlela uRamaphosa amphatha ngayo kanye namanye amalungu eqembu le-ANC.
“Siyasola ukuthi ufuna ukuziphindiselela, futhi umatasa ukhankasa ngasese,” kusho ilungu le-ANC.
Umkhize uzichithile izinsolo zokuthi ugaqela isikhundla sokuba uMengameli weqembu le-ANC.
“Angazi ukuthi nikhuluma ngani, kodwa ayikho into enjalo futhi angazi ukuthi nikuthathaphi lokhu enikhuluma ngakho.”
Akabanga esaqhubeka nokuphawula kwakhe.
Abanye abafisa ukuqokwa ngengoMengameli weqembu le-ANC kubalwa u-Ace Magashule osamisiwe obenguNobhala-Jikelele kanye noNgqongqoshe wezikungcebeleka uLindiwe Sisulu.
Kodwa, kubukeka ngathi uRamaphosa unabo abantu abamesekayo selokhu akhethwa njengoMengameli ngonyaka wezi-2017.