Lungani Zungu
Izisulu zezikhukhula okwamanje ezihlaliswe ezindlini zesikhashana ezixhaswe uhulumeni eThekwini zitshelwe ukuthi kungenzeka zihlale kulezi zindlu impilo yabo yonke.
IPhini leMeya kaMasipala weTheku uPhilani Mavundla utshele isiteshi somsakazo sendawo Izwi LoMzansi ukuthi “engabheja ngesenti lakhe lokugcina” ukuthi abantu abahlala ezindaweni zokukhosela ngeke bazithole izindlu ezifanele kuhulumeni.
“Bazohlala lapho iminyaka eminingi ezayo.”
Ngemuva kwezikhukhula ezicekele phansi iKwaZulu-Natal kanye ne-Eastern Cape ngoMbasa abantu abaningi basale dengwane futhi bahlala emijondolo okuthiwa bazolindela kuyo izindlu zabo.
“Iqiniso ukuthi abantu abahlala kuleyo mijondolo ngeke bazithole izindlu ezifanele maduze. Iqiniso elibuhlungu lelo. Abantu abasivotelanga ukuthi sibaqambele amanga. Bafuna sikhulume iqiniso njengoba linjalo,” kusho uMavundla etshela abasakazi.
UMavundla unguMengameli we-Abathu Botho Congress (ABC), esiza i-ANC ukuthi iqhubeke nokuphatha eThekwini kulandela ukhetho lohulumeni basekhaya lwangonyaka odlule.
Ukumbonga i-ANC inike uMavundla isikhundla sokuba iphini lemeya yaphinde yamqoka esikhundleni sokuba uSihlalo weKomidi lezokuHlaliswa kwaBantu.
Kodwa inkulumo yakhe ibukeka ishayisana nezethembiso ze-ANC okuyiqembu asebenzisana nalo kumasipala weTheku.
Uhulumeni wobumbano we-ANC ne-ABC eThekwini ulengela eweni phakathi kukaMavundla neMeya uMxolisi Kaunda.
UMavundla uthe kumele kusolwe uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu ngokwehluleka ukuhlinzeka ngezindlu ezingcono kubantu abahlala emijondolo yokulindela.
Izindawo zokuhlala zesikhashana zisabalele iTheku lonke. Abaningi base-Lamontville, eSiphingo kanye naseMlazi eningizimu yeTheku.
Umjondolo wegumbi elilodwa wakhiwe ngothayela. Ezimweni eziningi imindeni emikhulu iphoqeleka ukuthi iminyane kule mijondolo iminyaka eminingi.
UThokozani Mkhize waseMlazi kwa-U ungomunye wabo.
“Sengilahlekelwe yithemba lokuthi ngiyoke ngibe nendlu efanele,” kusho uMkhize etshela i-Scrolla.Africa.