Kusolwa ukuphuza ngokweqile kwentsha njengembangela yezigameko zobugebengu ngempelasonto yePhasika

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Ukuphuza kwentsha kuphinde kwagqama e-East London ngempelasonto ngemuva kokuba intsha ithutheleke olwandle iyophuza.

I-East London idume kabi ngenhlekelele eyenzeka endaweni yokucima ukoma Enyobeni ngoNhlangulana nyakenye eyadlula nemiphefumulo yabantu abasha abangu-21, okuhlanganisa nezingane ezineminyaka engu-13 ubudala.

Phezu kokuba i-Eastern Cape Liquor Board ikhiphe isexwayiso kubazali ukuthi baziqaphe ngeso lokhozi izingane zabo ngemuva kokuba ilunywe indlebe ngokuthi abafundi bahlela umcimbi ngempelasonto yePhasika, izingane zithutheleke olwandle eQuigney ziyophuza utshwala.

Umfana (16) ugwazwe washona, omunye washayiswa yimoto kanti intombazane (12) kusolakala ukuthi idlwengulwe yiqembu lezigelekeqe.

Abangu-15 kubikwa ukuthi baphuthunyiswe esibhedlela ngenxa yezinsolo zokuphuza ngokweqile ngoMgqibelo ebusuku.

Izingane zijikijele ama-ambulensi namaveni amaphoyisa ngamabhodlela ngesikhathi ezama ukungenelela.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo esifundazweni uSizwe Kupelo uthe: “Ama-ambulensi ethu ajikijelwe ngamabhodlela kwadingeka ukuthi imenenja ebisemsebenzini iwahoxise. Kuphinde kwahlaselwa i-ambulensi ezimele.”

UKupelo uthe isibhedlela iFrere sibhekelele izigameko eziningi zabantu abasebasha abathathwe onqenqemeni lolwandle.

Okhulumela amaphoyisa uPriscilla Naidu naye usiqinisekisile lesi siphithiphithi sangoMgqibelo ebusuku.

“Kube nezigameko zentsha edakwe ngokweqile olwandle,” kusho yena.

“Kubizwe amaphoyisa nabezimo eziphuthumayo ukuthi bazobheka isimo. Abanye baphuthunyiswe esibhedlela ngenxa yokuphuza ngokweqile futhi amaphoyisa ahlakaze intsha ebigcwele kule ndawo.”

UNaidu weluleke abazali ngokuzayo ukuthi bavimbele izingane zabo ukuthi zihambele izindawo okuphuzwa kuzo njengoba intsha ihluleka ukuzilawula uma izitika ngophuzo oludakayo, izibeke engozini yona kanye nabantu abaseduze kwayo.

“Amaphoyisa aqaphe lezi zigameko avala nemibuthano enjalo kanti lokho kuthukuthelise intsha,” kusho uNaidu.

Amaphoyisa aphenya ngesigameko sokubulawa komfana oneminyaka engu-16 ubudala olwandle eyophuza nabangani bakhe wadlulela enkabeni yedolobha, lapho egwazwe khona.

“Isisulu besihamba nabangani ngase-KFC siphuza utshwala ngesikhathi kuqhamuka abesilisa abane abangaziwa bephethe imimese befuna ukubaphuca utshwala nomakhalekhukhwini,” usho kanje.

Babalekile kodwa ngebhadi isisulu basibambile sagwazwa omunye walaba besilisa abane sashona.”

Isikhulu esiphezulu se-Eastern Cape Liquor Board uDkt Nombuyiselo Makala uthe: “Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi bayishaya indiva imiyalezo yethu bakhetha ukuzitika ngotshwala.

Isithombe esingenhla: I-screenshot sevidiyo.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva