Kusolwa ukuntuleka kwamanzi endaweni kuminza abafundi ababili

Elmon Tshikhudo

Abafundi ababili basenkulisa baphume esikoleni bayobhukuda bafike baminza bashona.

Kusolwa ukuntuleka kwamanzi ngokushona kwabafundi basenkulisa endaweni engaphandle kwase-Louis Trichardt.

UNdango Madzivhandila oneminyaka emihlanu, noMuano Thagwana oneminyaka emine, base-Tshakhuma Tshingawe ngaphandle kwase-Makhado e-Limpopo, baye emfuleni oseduze i-Senzi beyobhukuda ngemuva kokuphuma kwesikole nokuyilapho beminze khona.

Umphakathi usebenzisa umfula wendawo i-Senzi ukuwasha nokukha amanzi azosetshenziswa emizini yawo, kanti abanye abantu abadala babuye bageze emfuleni.

Samsung Galaxy 14G

“Izingane ziye khona ngoba bezinokubona abantu abadala beyongena emfuleni, kodwa ukube sinamanzi ngabe aziyanga emfuleni lezo zingane,” kusho ilungu lomphakathi.

Umholi womphakathi uGlenn Raphulu uthe amalungu omphakathi aphuthume endaweni yesigameko ngemuva kokubikelwa ngale nhlekelele.

Bathungathe abafanyana umphakathi wathola isidumbu esisodwa ngalolo suku. Amaphoyisa abatshuzi athole isidumbu sesibili ngakusasa.

“Izinhliziyo zethu zibuhlungu njengabaholi futhi sikanye nemindeni kulolu sizi,” esho.

Udumele ngokuthi umphakathi onedamu elikhulu -i-Damview, kanye namadamu ayisikhombisa – namanje awunawo amanzi.

“Abahlali baphoqeleka ukuthi bahlukaniselane amanzi angcolile nezilwane. Siphoqelekile ukuthi siwashe futhi sigeze kulo mfula hhayi ngoba sithanda kodwa yingoba asinawo omunye umthombo.”

“Lo mfula awuphephile ngoba kunezingwenya kodwa nezingane ziyaphoqeleka ukuthi zigeze lana njengoba amanzi engekho emakhaya. Lesi simo besingagwemeka futhi izimpilo zalaba bafanyana bezizohlengeka ukube besinamanzi esigodini sangakithi,” usho kanje.

Imindeni emibili ekhungathekile iveze ukuthi ayikakulungeli ukukhuluma, njengoba isazama ukwamukela ukuthi izingane zabo azisekho.

Amaphoyisa endawo ase-Levubu akuqinisekisile ukuthi kuvulwe amadokodo amabili ophenyo.

Scrolla World Cup Quiz