Kusolwa ukulimala komhlathi kumpetha welombhoxo

Lucky Maree

NgoMsombuluko ntambama ibingakakabi khona eminye imininingwane mayelana nokulimala emhlathini kukaCheslin Kolbe.

“Kusolwa ukuthi uphuke umhlathi, futhi lokho akukuhle neze,” kusho umqeqeshi wamaBhokobhoko uJacques Nienaber ngemuva kwesivivinyo sesithathu phakathi kweqembu lakuleli ne-Wales.

UNienaber uthe akanaso isiqiniseko ngokulimala kukaKolbe futhi uzolinda ithimba lodokotela ukuthi likubike lokho.

Uma uKolbe ephuke umhlathi cishe angaphuthelwa i-Rugby Championship eqala uma ama-All Blacks esedlala namaBhokobhoko eMbombela mhla ziyisithupha kuNcwaba.

Lo mdlalo ungowokuqala kweyisithupha eyenzeka ngezimpelasonto zilandelana  uzophela ngomhlaka-24 kuMandulo.

Le midlalo ilandelwa i-Ireland, i-France ne-England ngoLwezi.

Kuzoya ngezinga lokulimala uma uKolbe egeja le midlalo ngoba ukuhlanganyela kwakhe eNdebeni yoMhlaba kungamfaka engozini.

Umthombo wesithombe: @SARugbyMag

Izihloko zakamuva