Kusolwa uhulumeni nabalimi ngokweba umhlaba

Celani Sikhakhane

Sekuphele iminyaka engu-28 ubuholi bomdabu bakwaQwabe eNkwenkwezi Othongathi bulwela ukubuyiselwa umhlaba wokhokho babo.

Manje sebesola izikhulu zikahulumeni ngokusebenzisana nabalimi abaphikisana nesicelo sabo.

Impi imayelana nomhlaba we-Tongaat Hullets, Othongathi, KwaZulu-Natal obangwa iNkosi uBonokwakhe Gumede nomphakathi wakhe.

INkosi uGumede kanye nesigungu sobukhosi bakwaQwabe sebebhalele uNdunankulu waseKZN, uMnu Sihle Zikalala, bezwakalisa ukukhathazeka kwabo ngokubambezeleka kwalesi sicelo somhlaba nezinsolo zenkohlakalo yezikhulu zikahulumeni.

UGumede uthe benza isicelo somhlaba ngo-1994. Cishe amapulazi angu-120 afakwa kwigazethi angamahektha angu-13,000.

“Ngebhadi ezinye izikhulu zikahulumeni zasizakala ngamalunga omphakathi abuthaka zazama ukuxabanisa umphakathi,” kusho uGumede.

Uthe amanye amapulazi abeyingxenye yezicelo awasabalwa ngenxa yezikhulu ezikhohlakele ezenza izivumelwano nabalimi.

Encwadini abayibhalele uNdunankulu uZikalala, abakwaQwabe bathe izikhulu zikahulumeni nazo sezike zahlangana nabalimi ngasese zabeluleka ngokuthi bayise umphakathi enkantolo.

Incwadi ithi abalimi belulekwe ukuthi baye ezinkantolo bathi umhlaba wawungena mnikazi ngesikhathi beqala ukulima kuwo.

Okhulumela uMnyango wezoLimo, ukuBuyiswa koMhlaba nokuThuthukiswa kwezindawo zaseMakhaya, uMnu Reggie Ngcobo, uthe isicelo somhlaba sabakwaQwabe sayiswa enkantolo kodwa abazange baliwine icala.

“Udaba lwabe seludluliselwa eMnyangweni wezoBulungiswa ngemuva kokuthi besungule isikhwama,” kusho uNgcobo.

UChrispin Phiri, okhulumela uNgqongqoshe wezoBulungiswa uRonald Lamola uthe: “Siyalwazi lolu daba futhi silulungise ngesonto eledlule.”

Uthe ngeke akwazi ukufingqa yonke imininingwane ngoba ubeya emhlanganweni.

Okhulumela i-Tongaat Hullets, uNkonzo Mhlongo, ukuqinisekisile ukuthi lolu daba selulethwe kubona kodwa wathi luseMnyangweni wezoBulungiswa yiwo ozohlahla indlela eya phambili.

I-Scrolla.Africa siyakuqonda ukuthi abamangali bagcine bexabene bodwa ngemuva kokuthi abanye besolwe ngokugwazisa abalimi.

Izihloko zakamuva