Kusolwa ubugebengu ngokucisha kukagesi eWaltloo 

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki


Kusolwa ubugebengu nokucekela phansi kwempahla ngokubhidlika kwezinsimbi eziyisikhombisa ezisindayo emgwaqeni onguthelawayeka u-N4 e-Tshwane ngeSonto.

Lokhu kuholele ekunqamukeni kukagesi ezindaweni ezinkulu kuwo wonke umasipala onezinkinga. Yonke indawo yezimboni yase-Waltloo kulindeleke ukuthi zingabi nawo ugesi okungenani isonto elilodwa.

Izinkampani ezisebenza kulesi sifunda kubalwa i-Ford Motor Company South Africa, ekhiqiza izimoto ezingu-75 ngosuku.

Ukukhiqiza sekumisiwe ezingxenyeni ezingu-15.

Ezinye izinkampani kulesi sifunda kubalwa i-SA Breweries, i-Albany Bakery ne-Chamberlain Hardware.

Cishe zingu-42 izindawo ezikhahlamezekile, okuhlanganisa amapaki amabhizinisi ahlukene, amadolobha nelokishi lase-Mamelodi.

IMeya yedolobha lase-Tshwane uCilliers Brink usenxuse ukuthi kwenziwe uphenyo mayelana nokuthi kungenzeka yini ubugebengu bube khona.

“Okunye engikucelile uhlelo lokugcinwa kwalezi zinsimbi ngoba kuyacaca ukuthi kunobugebengu obukade benziwa.”

“Kungenzeka ukuthi abalungisayo babe nesandla kulokhu.”

Isikhulu sakwa-Ford Motor Company SA uNeale Hill, uthe le nkampani izobe ingasebenzi kuze kube maphakathi nesonto elizayo.

“Sithole amandla angu-13.5 MW ngokusebenzisa amandla elanga endaweni yethu futhi akhava cishe ingxenye yesine yezidingo zethu zamandla.” UHill utshele isiteshi se-eNews ukuthi lokhu angeke kwanele ukuphatha le nkampani.

Abakwa-Ford basanda kutshala imali engaphezu kuka-$1 billion (R18.4 billion) ekusebenzeni kwabo. Lokhu kwakuhlanganisa nengxenye ye-pres section engamathani angu-30 nengxenye yapende edinga ugesi othembekile njalo.

Ukucima kuzoba nomthelela omubi kwabanye abahlinzeki bempahla ezweni lonke abangeke bathole ama-oda amasha avela ekomkhulu lakwa-Ford.

“Labo bathengisi bazophinde baphoqeleke ukuthi bavale yize bengekho endaweni yase-Tshwane,” kusho uHill.

UBrink kanye noNgqongqoshe kagesi uDkt Kgosientsho Ramokgopa bavakashele indawo okubhidlike kuyo lezi zinsimbi.

Isithombe esingenhla: Izinsimbi eziwile emgwaqeni onguthelawayeka u-N4 e-Tshwane

Umthombo wesithombe: @CityTshwane

Izihloko zakamuva