Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Kusolwa isimo sezulu esiyingozi kanye nezinyokanyoka ngesigameko sokushona kwabesilisa ababili emijondolo yase-Gqeberha e-Grogro ngempelasonto.
Kutholakale izidumbu ezimbili phakathi kwamahora ambalwa ngoMgqibelo ntambama nasekuseni ngeSonto kantilaba besilisa kusolwa ukuthi bashokhwe ugesi ngemuva kokuhamba emgwaqeni owubhuqu ongenela e-Grogro.
Eduze nalapho okutholwe khona izidumbu, kutholwe izintambo eziningi ezixhunywe ngokungemthetho zigcwele phansi ezinye beziphakathi emanzini.
Indlela okuxhunywe ngayo lo gesi kusolwa ukuthi iyona eholele ekushoneni kwalaba besilisa ababili.
NgoMgqibelo ntambama ngehora lesihlanu, izakhamuzi zithole owesilisa oneminyaka engu-42 ubudala obekungakahlonzwa ukuthi ungubani elele ngomhlane phezu kwamanzi lapho imvula enamandla ihlasele khona umgwaqo owubhuqu ongenela elokishini.
Ekuseni ngeSonto ngehora lesihlanu, omakhelwane bezwe isililo. Isidumbu esihlonziwe ngesikaLungakhele Mboto (25) esitholakele endaweni efanayo.
Isakhamuzi sase-Grogro, uMnu Patrick Ntsila (43) uthe baphila ngaphansi kwezimo eziyingozi kakhulu.
“Ngisho komile, kufanele ubheke ezinyaweni zakho noma ubheke ngaphezu kwekhanda ukuze ungashokhwa ugesi.
“Njengoba imigwaqo igcwele amanzi isimo siyethusa kakhulu,” kusho uNtsila.
Eminyakeni edlule izakhamuzi zase-Grogro zike zahilizisana noMasipala mayelana nezinyokanyoka.
Okhulumela uMasipala wase-Nelson Mandela Bay, uMthubanzi Mniki uthe kuyanda ukukhathazeka ngezinyokanyoka kuleli dolobha.
“UMasipala ukhathazeke kakhulu ngezinga lezinyokanyoka esezidale ubungozi kulo lonke idolobha.”
“Okukhathaza kakhulu izinyokanyoka ziyingozi kubantu kanye nezingane.”
UMniki wengeze ngokuthi phezu kwezinhlelo zedolobha zokuhlinzeka ngogesi emijondolo, basekhona abantu abakhetha ukuxhuma izinyokanyoka.
Isithombe esingenhla: Izinyokanyoka emijondolo yase-Grogro