Kusolwa izingxabano kumasipala kubulawa owe-EFF

Celani Sikhakhane

I-EFF KwaZulu-Natal ikholelwa ukuthi ukubulawa komholi wayo kuhlobene nengxabano yokulawulwa kukaMasipala waseMkhanyakude othathwa njengoMasipala onesiphithiphithi esifundazweni.

UMnuz Mxolisi Buthelezi obenguSihlalo we-EFF kuMasipala wesifunda uMkhanyakude enyakatho nesifundazwe udutshulwe wabulawa ngoLwesine.

Ubesendleleni eya emhlanganweni wekhokhasi ye-EFF ngesikhathi ethelwa othulini.

USihlalo we-EFF esifundazweni uVusi Khoza utshele i-Scrolla.Africa ngeSonto ukuthi maningi amathuba okuthi ukubulawa kukaButhelezi kuhlobene nombango wezikhundla eMkhanyakude.

Lo Masipala okhungethwe isomiso sendlala namanzi wabhekana nezinxushunxushu kusukela ngonyaka odlule kanti ayikho iMeya eke yahlala inyanga yonke ehhovisi. 

“Ngeke sikuchithe ukuthi ukubulala kuhlobene nezinxushunxushu ezenzeka esifundeni uMkhanyakude lo Masipala awuzinzile futhi isimo sishubile,” kusho uKhoza.

Ngenyanga edlule i-IFP yakhipha i-ANC yathatha izintambo ngosizo lwevoti le-EFF elalivela kuButhelezi.

Emasontweni amabili edlule iNkantolo ibuyisele ubuholi be-ANC ngemuva kokuthi uNgqongqoshe we-Cogta uMnu uSipho Hlomuka efake lolu daba eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ukuze kuchithwe owaqoka abaholi be-IFP.

Omunye umhlangano ubusazobanjwa lapho bekudingeka ivoti likaButhelezi ukuze i-IFP iphinde ithathe izintambo.

Ngenyanga edlule lo Masipala ube nesimo esingajwayelekile lapho ubunezimeya ezimbili, abaphathi baMasipala ababili, amaPhini ezimeya amabili noSomlomo ababili.

UNgqongqoshe uHlomuka kudingeke ukuthi aye eNkantolo ngenhloso yokulungisa isimo.

Isifunda siyehluleka ukuholela abasebenzi nabahlinzeka ngemisebenzi ngenxa yezingxabano.

Izihloko zakamuva