Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Kushone abane abebeyosoka e-Eastern Cape ezinsukwini ezine nje vo ngemuva kokuthi uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (Cogta) usole izikole zokusoka ezingekho emthethweni ngokushona kwabasokwayo.
Khonamanjalo, i-Commission for Gender Equality (CGE) ithi iziphathimandla zikahulumeni ezifana ne-Cogta, ohulumeni basekhaya, abomthetho kanye nabaholi bomdabu kumele baphendule ngokushona kwabasokayo.
Okhulumela i-CGE, uMnuz Javu Baloyi uthe ayikho indaba yokuthi abaholi bendabuko ngeke bengazi ngokwakhiwa kwezikole ezingekho emthethweni emiphakathini yabo.
“Besilokhu sicela abaholi bendabuko sithi dlalani indima yenu, nathi sizodlala indima yethu njengekhomishini. Nabomthetho kumele baye lapho babophe oqala le nto yezikole zokusoka ezingekho emthethweni.
“Kumele abomthetho baye ezigodini, bagade, bathole imininingwane ngalezi zinto. Akunzima ukuthola izikole zokusoka ezingekho emthethweni. Esikudingayo ukuzimisela ukusebenzisana kwabaholi bendabuko nezinhlaka zomthetho,” kusho uBaloyi.
Okhulumela i-Cogta e-Eastern Cape, uPheello Oliphant uthe abebeyosoka abane bashone esikhathini esiyizinsuku ezine.
“Lesi isimo esidabukisayo ngokuthi isizini ngayinye yokusoka kuba nokushona kwabantu okungenasidingo,” kusho u-Oliphant.
Uqhube wathi ababili kulaba abashonile bashonele emijondolo yase-Mzamomhle ngase-Gonubie, bengeza esibalweni salaba abashone e-Port St Johns naseNgqeleni.
Uthe abathathu kulaba bashone “ngenxa yokusokisa okungekho emthethweni”.
Uqhube wathi bathathu abantu ababoshelwe “ukusoka izingane ezingaphansi kweminyaka evumelekile ngokomthetho” kanti bagqunywe esitokisini.
INkosi uMpumalanga Gwadiso onguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu e-Eastern Cape uthe iNdlu iyaphenya ngokushona kwalaba.
Esithombeni esingenhla: Abasoka ngokwesintu behamba ngezinyawo.
Umthombo wesithombe: Facebook