Kusolwa izidakamizwa kweyokubulalana e-OR Tambo 

Lubhalwe nguSongeziwe Mapukata

Kungani ungekho umthetho? uNkosi Mfundo Mtirara ubekhombisa ukwesaba ngoLwesine ngezizathu zokubulawa kwabantu abangu-14 emahoreni angu-72 nje vo endaweni yangakubo kuMasipala wase-OR Tambo.

Kudutshulwe kwabulawa abantu abathathu e-Bityi kwathi abanye abayisikhombisa bashona e-Qunu. Kulandele ezinye izigameko zokubulala ezine ngoLwesibili ezigodini zakule ndawo ezintathu okubalwa iMqhekezweni nesisodwa eMvezo.

“Okunye kwalokhu kubulala okudlangile kudalwe ukushushumbiswa kwezidakamizwa kulezi zindawo njengoba abadayisi bezidakamizwa bengaboni ngaso linye ngezindawo,” kusho uMtirara etshela i-Scrolla.Africa. UMtirara ukholelwa ukuthi ukuhlasela kwase-Bityi bekuhlobene nokwebiwa kwemfuyo.

“Isigameko sokudubula e-Qunu senzeke ngabo-11.40 ebusuku ngesikhathi kuzwakala ukuqhuma kwesibhamu kanti zonke izidumbu zitholakale endlini eyodwa okukhomba ukuthi ngezomndeni owodwa.”

Amaphoyisa ase-Eastern Cape athi abasolwa basagcwele amathafa kanti uphenyo lusabucayi kakhulu okwamanje.

“Kukhona indlela eyiphethini eyodwa ekudutshulweni kwabantu kule ndawo. Lezi akuzona izigameko ezisendaweni eqhelelene, kodwa kuwukubulala okuhleliwe njengoba imindeni icekelwa phansi ngendlela engenasihawu,” kusho uBrigadier Tembinkosi Kinana.

Isithombe esingenhla: Indawo yesigameko okudutshulwe kwabulawa abantu abaningi e-Bityi

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva