Lungi Langa
Umndeni wezithandani zase-Verulam ezibulawe ngoMgqibelo usola ukuthi lokhu kuhlangene nokubangwa izigceme zokudayisa iwunga.
UMusa Cele obeneminyaka engu-32 nentombi yakhe uNksz Nosandiso Nyathi obeneminyaka engu-31 batholakale bebulewe ekamelweni abebeqashe kulo ezintatha ngoMgqibelo.
Ilungu lomndeni elicele ukuthi igama lalo lingadalulwa ngoba lisabela impilo yalo lithe izimpi zokubangwa kwemingcele yokudayiswa iwunga eholela ekubulaweni kwabantu.
Umzala kaCele uthe ngesikhathi beyobheka endaweni yesigameko ngemuva kokubulawa kwezithandani babikelwe ukuthi uCele ubedayisa iwunga endaweni.
Uthe lokhu bekuyinto abebengayazi.
Nokho amanye amalungu omndeni ayazi ukuthi kukhona obemlandela.
“Ngithe uma ngifika ekhaya ngatshelwa ukuthi uthe kukhona omlandelayo obekumenza angahlaliseki,” kusho umzala.
“NgoLwesihlanu ebusuku ngehora lesishiyagalombili ubefonele enye yezingane zakwethu ezitshela ukuthi akakhululekile ngalobo busuku. Umfowabo ubethe akagoduke ayophumula. Besingazi ukuthi kuzoba okokugcina exhumana nathi.
“Sibizwe satshelwa ukuthi udutshulwe wabulawa ngakusasa. Ngesikhathi sifika ekamelweni ababeqashe kulo bekubuhlungu kakhulu. Kudingeke ukuthi siwushise umbhede ngoba ubugcwele igazi.”
Ngokusho kwelungu lomndeni uCele ubengubaba wezingane ezimbili, odabuka Osindisweni obephothule izifundo zakhe zobuthishela.
Yize umndeni ufisa kwenzeke ubulungiswa, kodwa ukholwa ukuthi kungenzeka bungatholakali njengoba kubulawa amanye amalungu omndeni futhi akekho oboshwayo ngamacala okubulala.
Leli lungu lomndeni lithe sebebeke ithemba labo kuNkulunkulu futhi bafisa abathandiweyo babo ukuthi balale ngokuthula.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Colonel Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokubulala ngemuva kokubulawa kwezithandani ezisencane.
“Imbangela yokubulawa kwakhe ayikaziwa okwamanje kanti abasolwa abaziwa,” kusho uGwala.