Kusolwa isikhwele kowesilisa ogwaze wabulala intombi

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Owesilisa wase-Soshanguve (37) obehlome ngommese nesando ugwaze wabulala intombi yakhe washaya ngesihluku amadodakazi ayo amabili ngesando ezintatha zangoMgqibelo.

Isisulu namadodakazi aso aneminyaka engu-12 no-16 ubudala, bebehlala nomsolwa nomndeni wakhe.

Ngesikhathi sengxabano eshubile, umsolwa usole intombi yakhe ngokujola njengoba eke washo nasemlayezweni ka-WhatsApp wabe eseqala ukuyihlasela.

Umgwaze amanxeba amaningi ngesingenhla yaze yashona.

Umsolwa akagcinanga lapho ube esehlasela amadodakazi amabili kamufi, wawa shaya ngesando. Ngemuva kokukhiya indlu namasango, uhambile washiya laba abathathu bephakathi kokufa nokuphila.

Izingane ezimbili, ezithole ukulimala kanzima ekhanda zilwela impilo yazo esibhedlela.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa, udadewabo kamsolwa uthe ngesikhathi efika ekhaya ephuma endlini yokulala ngezithuba zabo-07:00, uzame ukungqongqoza esangweni kodwa kwaze kwadlula isikhathi kungaphenduli muntu.

“Ngemva kwesikhashana kube sekuphuma enye  yamadodakazi eneminyaka engu-16 yopha kakhulu njengoba ibilimele kabi. Ingitshele konke okwenzekile. Nginqume ukulinda ngaphandle ngabe sengibiza amaphoyisa, i-ambulensi nemindeni yomibili njengoba benginovalo lokuthi kungenzeka ukuthi umsolwa usekhona egcekeni,” esho.

“Ngihlukumezekile. Sibe sesithola isidumbu sowesifazane nendodakazi yakhe [elimele kabi] eneminyaka engu-12. 

Umsolwa ushiye izikhali eduze kwabo. Ngangingakaze ngicabange ukuthi umfowethu angenza isihluku esingaka.”

Umalume kamufi uthe kumphathe kabi ukuthi umsolwa uhlasele izingane ngemuva kokubulala intombi yakhe.

“Lokhu kukhombisa ukuthi ubezama ukufihla umkhondo nokuthi nguyena owenze leli cala. Ngiyamnxusa ukuthi azinikele emaphoyiseni ukuze enelise imindeni yomibili,” usho kanje.

Okhulumela amaphoyisa ase-Gauteng uLieutenant Mavela Masondo uthe kuphenywa icala lokubulala namabili okuzama ukubulala.

“Amaphoyisa athungatha owesilisa ongaba wusizo ophenyweni. Imbangela yobugebengu ayikaqinisekiswa okwamanje,” usho kanje.

Esithombeni esingenhla: Indawo yesigameko. 

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva