Celani Sikhakhane
Ubuholi be-IFP busola isandla semfene ngemuva kokuba imoto ebithwele isikhulumi sikamasipala waseMadlangeni kanye nabanye abane ishayiswa isitimela, kwashona oyedwa.
UMzonjani Mthethwa kanye nabanye abekade egibele nabo, besendleleni beya emhlanganweni weqembi le-IFP obuse-Blood River KwaZulu-Natali wokuqokwa nokukhankasela iqembu ngesikhathi imoto yabo ijama isazama ukweqa ujantshi wesitimela.
Le ngozi ithathe impilo yanogada kaMthethwa, uBheki Mdladla, oshone lapho okwenzeke khona isigameko.
Imoto i-Toyota FJ Cruiser 4×4, ivele yacisha yaphinde yakhiya izicabha ngesikhathi bephakathi nojantshi wesitimela ngemuva kokuba bashayiswe iguzu elithwele amalahle e-Kingsley ngase-Blood River.
Imoto ilimele kakhulu futhi angeke iphinde ilungiseke.
Usihlalo kamasipala wasesigodini i-Amajuba weqembu le-IFP uReginald Ndima uthe baphazamisekile ngemuva kokuthola izindaba ezibuhlungu kangaka, njengoba kade besakhankasela iqembu.
“Kubuhlungu kakhulu ikakhulukazi njengoba kushone unogada. Sisola isandla semfene kule ngozi ngoba ayikholakali,” kusho uNdima.
Usihlalo uphinde wakhuluma ngesikhathi okwenzeke ngayo le ngozi, njengoba umama kaMthethwa kanye nomfowabo besanda kushona emasontweni adlule.
“Oyisikhulumi sikamasipala usanda kulahlekelwa umama wakhe kanye nomfowabo futhi ubangcwabe ngesikhathi esisodwa, ngemuva kwalokho usengena engozini ethusa kangaka” kusho uNdima.
Isikhundla sokuba isikhulumi sikamaspala waseMadlangeni sidale uqhekeko eqenjini kulezi nyanga ezisanda kudlula. Iiskhundla besivulelekile izinyanga ezine ngaphambi kokuba kuqokwe uMthethwa, okwilokho okuholele uqhekeko eqenjini.
Umphathi kmasipala waseMadlangeni uSydney de Klerk uthe usezinhlelweni zokubheka lolu daba.
“Ngizohlangana nomphathi wesiteshi samaphoyisa ase-Kingsley ukuze ngithole imininingwane. Ngemuva kwalokho ngizokwazi ukuchazela abezindaba imininingwane ephelele ngokwenzeke ngesikhathi senhlekelele,” kusho uDe Klerk.