Kusolwa indlovu ngokushona kwabasebenzi ababili abatholakale bedindilizile

Dylan Bettencourt

Abasebenzi ababili abasebenza ngaphandle kwenkundla yekhilikithi e-Sri Lanka balahlekelwe izimpilo zabo bashona ngesikhathi indlovu igasela emagcekeni.

Laba bobabili bebesendleleni egodukayo besuka enkundleni yekhilikithi yase-Suriyawewa Mahinda Rajapaksa ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, kuqinisekisa izikhulu ngoLwesithathu.

Izidumbu zabo zitholwe ziqhelelene ngamamitha angama-500 kanti nakuba bengekho ofakazi, izikhulu zithi indlovu eyodwa ebulale abasebenzi bobabili, ngokusho kwe-AFP.

Inkundla yekhilikithi yamazwe ngamazwe iseduze nendawo yezilwane zasendle futhi isendaweni yasemakhaya eyaziwa kakhulu ngokungqubuzana kwabantu nezindlovu.

Ukuhlangana okunonya phakathi kwezindlovu nabantu kuye kwanda eminyakeni yamuva nje ngenxa yokucekelwa phansi kwezindawo ezihlala izindlovu.

Umbiko wangoNhlangulana waveza ukuthi bangama-55 abantu ababulawa izindlovu ezinyangeni eziyisithupha zokuqala zonyaka wezi-2021.

Phezu kokushona kwabantu, kwabulawa izindlovu eziyi-158 ngesikhathi esifanayo.

Laba basebenzi ababili bebesemsebenzini wokuqinisekisa ukuthi kwenziwa amalungiselelo omdlalo owandulela kowamanqamu nowokugcina we-Lanka Premier League, okuhlelwe ukuthi udlalwe enkundleni ekupheleni kwale nyanga.

Umcimbi wakamuva owawumkhulu owenzeka  kule nkundla wawungoNhlolanja ngonyaka wezi-2020 lapho i-Sri Lanka ibhekene ne-West Indies.

Iqembu lesizwe lekhilikithi lase-Sri Lanka lizolandela lapho lizobhekana ne-Australia  kule midlalo emihlanu yokuvivinywa ne-Australia ehlelelwe ukuqala ngoNhlolanja ngonyaka ozayo.

Umthombo wesithombe: @DailyNews

Izihloko zakamuva