Ezinyangeni eziyisithupha ngemuva komdlalo wamanqamu weNdebe yoMhlaba ebise-Qatar usizi lukaShakir Ullah ongunogada wase-Pakistan seluwumlando.
U-Ullah obesebenza kulo mqhudelwano obuse-Qatar uboshelwe ukuzama ukuxazulula ingxabano yemiholo egameni labanye ozakwabo.
La madoda ayeqashelwe ukugada izindawo ezibalulekile ngesikhathi kuqhubeka imidlalo yeNdebe yoMhlaba aye adilizwa kungazelelwe ngemuva komdlalo wamanqamu nokuyinto eyephula imithetho yezabasebenzi yase-Qatar.
Cishe angu-250 amadoda aboshwa futhi kamuva adingiswa ngesikhathi u-Ullah nabanye ababili besabhadle ejele.
U-Ullah uthole isigwebo sezinyanga eziyisithupha kanye nenhlawulo engaphezulu kweholo lakhe lezinyanga ezintathu ngokusebenza kweyoMhlaba. Yize sinqatshiwe isicelo sakhe, i-Fifa noma uhulumeni wase-Qatar abakaze bamsize noma baphawule ngodaba lwakhe.
Izethembiso ezenziwe i-Qatar kanye ne-Fifa mayelana namalungelo athuthukisiwe abasebenzi zibonakale ziyize.
Ukuthula okukhona mayelana nokuphathwa kabi nokuboshwa kwala madoda kuyakhathaza.
Naphezu kwemali etholwe i-Fifa ngeNdebe yoMhlaba ithule yize sekuphele izinyanga yazi ngalesi simo.
Ihhovisi lezokuxhumana likahulumeni wase-Qatar nalo lehlulekile ukuphendula izicelo zokuphawula.
Ikomiti elihlela iNdebe yoMhlaba elaziwa ngokugqamisa inqubekelaphambili ngamalungelo abasebenzi alisho lutho mayelana nokuboshwa kuka-Ullah, kubika i-The Guardian.
Ngisho nenhlangano yamazwe ngamazwe i-International Labour Organisation (ILO) e-Doha ebambisene ne-Qatar ngezinguquko kwezabasebenzi ithule cwaka. Akumangazi ukuthi ihhovisi le-International Labour Organisation e-Qatar libhekane nokugxekwa ngokuba nethemba ngokweqile ngezinguquko kwezemisebenzi ezweni.
Izinyunyana zabasebenzi okubalwa kuzo i-International Trade Union Confederation (ITUC) kanye ne-Building and Wood Workers’ International (BWI) zehlulekile ukukhulumela u-Ullah.
Naphezu kokusebenza ne-Qatar iminyaka bathula ngesikhathi kuziwa ekuvikeleni amalungelo abasebenzi abafana no-Ullah. I-Fifa, i-International Labour Organisation kanye nezinyunyana zabasebenzi zihlezi zithi i-Qatar isiyenzile inqubekela phambili nokuthi kusekuningi okumele kwenziwe.
Kodwa-ke, izinkulumo ezinjalo azilethi induduzo encane kubantu abafana no-Ullah abazithola besezimweni ezingaqinisekile neziyinselelo.
I-Fifa yathi abasebenzi kumele bakhululeke baveze izikhalo zabo nokuthi kumele kuqinisekiswe inqubo efanele kunoma ngubani osolwa ngokwenza okubi.
Ngobusuku bangaphambi kwengqungquthela ye-International Labour Organisation, i-BWI yagqamisa ukuxhashazwa nokuhlukunyezwa kwabasebenzi abaphuma emazweni angaphandle e-Qatar yaphinde yathumela umbiko obucayi kuNgqongqoshe wezabasebenzi.
Eziphendulela uNgqongqoshe uvumile ukuthi kuxoxwe ngezindaba eziphakanyiswe emhlanganweni ngoNtulikazi. Kodwa-ke, ukuntuleka kokwenza konke kanye nokuthula okuvela ezinhlanganweni nakuziphathimandla ezifanele kusalokhu kuwukukhathazeka okusobala ngenhlalakahle namalungelo abasebenzi – kanye namalungelo kaShakir Ullah.
Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff
Esithombeni esingenhla: INdebe yoMhlaba yase-Qatar