
Dylan Bettencourt
UBoris Johnson ukusho kaningi ukuthi yena noma uhulumeni wakhe abakaze babambe iqhaza ekuthathweni kwe-Newcastle United yinhlangano eholwa yi-Saudi Arabia.
Kodwa uphenyo olwenziwa i-The Guardian luveze ukuthi lokhu akulona iqiniso.
UNgqongqoshe wezokuTshalwa kweziMali wase-UK uLord Gerry Grimstone kubikwa ukuthi wenza imizamo emikhulu yokuthola isivumelwano saleli qembu.
UGrimstone wabamba iqhaza ezingxoxweni phakathi kwalowo owayengusihlalo we-Premier League ngaleso sikhathi uGary Hoffman kanye nabamele i-Saudi Arabia ukuze batholele i-United Kingdom izinzuzo zezomnotho ezingcono kakhulu.
UGrimstone waphikelela esivumelwaneni esinempikiswano enkulu naphezu kwerekhodi elibi lamalungelo abantu e-Saudi Arabia.
Ukuthathwa kweqembu kwagxekwa kakhulu njengoba izwe lisaqhubeka nokunqabela abathandana nobulili obufanayo ngesikhathi abesifazane besenamalungelo abaliwe kanti nesigwebo sentambo sisasebenza.
Ngale kokukhathazeka i-Premier League yakuvuma ukuthathwa kwaleli qembu ngoMfumfu odlule.
Phakathi nokukhala komphakathi ngalesi sivumelwano, uJohnson neqembu lakhe baphike kaningi ukuthi banesandla ekuthathweni kwaleli qembu.
Ngemuva kokuthi kube nesivumelwano sokuthenga i-Newcastle, kuthiwa i-Premier League yafaka ingcindezi kwamanye amaqembu akwiligi ukuthi agunyaze ukuthathwa kwaleli qembu.
UHoffman wagcina esulile esikhundleni sakhe ngenxa yokungaphatheki kahle ngemuva kokuthathwa kweqembu.
Ngale kwezingxabano, uhulumeni waseNgilandi usabona izwe njengomthombo wokutshalwa kwezimali, okuye kwabaluleka kakhulu kulandela ukuphuma kwesizwe kwi-European Union.
Kuthiwa uJohnson naye wenze “i-bromance” neNkosana yase-Saudi Arabia uMohamed.
Ukuthathwa kwe-Newcastle United yi-Saudi Arabia kubhalwe ngokuthi “ukugeza imidlalo” (ukusetshenziswa kwezemidlalo ukwethula inguqulo ebukeka kangcono yombuso wezepolitiki) yizinhlangano ezimbalwa zamalungelo abantu, okuhlanganisa ne-Amnesty International.
Isithombe esiputshukile sejezi leqembu langesizini ezayo siveze ijezi elinemibala efana neyeqembu lebhola lezinyawo lesizwe lase-Saudi Arabia, okungumbala oluhlaza okotshani nomhlophe.
Ngaphambi kokuthi ithathwe, i-Newcastle United yayibukeka ingase ibhekane nengwadla kodwa ukutshalwa kwezimali ngoMasingana kanye nokuqokwa komphathi u-Eddie Howe kwenze iqembu laqeda isizini lisendaweni ka-11.
Umthombo wesithombe: @SportEPort