Kusolwa eyezidakamizwa kubulawa abesilisa abangu-10 eKZN

Lubhalwe nguMlungisi Gumede

Kukholakala ukuthi impi yezidakamizwa iyona eyimbangela yokubulawa ngesihluku kwabantu abayishumi abashiswe bashona KwaMpande e-KZN Midlands ngempelasonto.

I-Scrolla.Africa sithole ukuthi bonke abesilisa abayishumi abaneminyaka ephakathi kuka-25 no-46 kukholakala ukuthi bebesebenzisa izidakamizwa.

Abayisishiyagalombili kubo bashonele endaweni yesigameko kwathi abanye ababili bashonela esibhedlela. Ezinye izisulu ezimbili zisalwela izimpilo yazo esibhedlela.

Izakhamuzi zakule ndawo ezikhulume ne-Scrolla.Africa, kodwa ezingathandanga ukudalulwa amagama azo ngoba zesabela izimpilo yazo zithe abahlaseli baphoqe izisulu ukuthi zikhumule ngaphambi kokuzithela ngekhemikhali ngemuva kwalokho bazishisa.

Esinye isakhamuzi sithe indlu okubulawelwe kuyo izisulu yindlu yomxhaso eyashiywa abanikazi bayo. Indodana yabo nokho yasala yamema abangani bayo, ababeyimilutha yezidakamizwa ukuthi bahlale khona.

Uthe laba basebenzisa le ndlu njengendawo yokucasha.

“Amalungu omphakathi abekhala ngokuthi umuzi usuphenduke isidleke sezigebengu.”

Ikhansela lewadi uMnu Skhanyiso Makhaye uthe indlu yomxhaso ibingenabo abanikazi abasemthethweni ngemuva kokuthi abanikazi bayo beyishiyile.

“Owesilisa obefunwa futhi ebuzwa ngabahlaseli ukuthi uphi bekuyindodana yabanikazi bendlu. Ababulewe bebengabangani bakhe kwazise bebebhema iwunga ndawonye,” kusho uMakhaye.

INkosi yendawo uVusizwe Zondi uhambe emazwini kaMakhaye wathi lezi zigameko zokubulala zihlobene nezidakamizwa. UZondi unxuse abantu bakhe ukuthi behlise umoya bavumele umthetho uthathe indawo yawo.

Ukubulawa kwabantu endaweni yaKwaMpande kulandele isigameko sokubulawa kwabanye abayishumi okubalwa nabesifazane elokishini laseMbali e-KZN e-Midlands. 

Okhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha abasolwa ngemuva kokushiswa kwabantu abayishumi endaweni yaseMsunduzi ngeSonto ebusuku.

UNetshiunda uthe kubikwe ukuthi abesilisa abangu-15, abaneminyaka ephakathi kuka-25 no-46 bebesendlini ngesikhathi abasolwa abayisikhombisa okubikwa ukuthi bebehlome ngezibhamu bebuza ukuthi ukuphi umnikazi womuzi.

Ngesikhathi laba besilisa bebona ukuthi akekho, kubikwa ukuthi bayalele abantu abebesendlini ukuthi bakhumule ngaphambi kokuba babathele ngekhemikhali babashise.

UNetshiunda uthe kubikwa ukuthi abesilisa abayisishiyagalombili bashonele endaweni yesigameko kwathi abane basinda benamanxeba okusha kanzima baphuthunyiswa esibhedlela.

UNetshiunda ukuqinisekisile ukuthi isibalo sabashonile sesinyuke safinyelela kwabayishumi.

Isithombe esingenhla: Umuzi womxhaso KwaMpande maphakathi neKwaZulu-Natal lapho abesilisa abangu-12 beshiswe abasolwa abebehlomile.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva