Kusolwa amakhekhe athengwe esitolo sowokufika ngokufa komfundi

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

URefilwe Usman ugule washona ngemuva kokudla amakhekhe e-All-Star athengwe esitolo esiphethwe abantu abaqhamuka emazweni angaphandle.

Abanye abafundi ababili baseMandlethu Primary School eTsakani, eKurhuleni nabo abadle amakhekhe baqale ukugula ngesikhathi sesikole baphuthunyiswa esibhedlela.

Uyise kaRefilwe, uLucky Mkhwanazi, utshele i-Scroll.Africa ukuthi ushaqekile ngesikhathi ethola ucingo oluvela esikoleni lumazisa ukuthi indodakazi yakhe igula kakhulu.

“Ngithe ngifika esikoleni ngamthola ephalaza ephelelwa ngamandla. Ushonele ezandleni zami ngesikhathi ngilinde abezimo eziphuthumayo.”

Lona wesilisa uthe inhliziyo yakhe ibuhlungu njengoba kunguye othengele indodakazi yakhe amakhekhe.

“Bengiqala ngqa ukumthengela la mabhisikidi. Ngijwayele ukumnika imali ukuze athenge ukudla okulula esikoleni.”

Umnikazi wesitolo uWilliam Sumamo uthe nakuba ubaba esekuqinisekisile ukuthi bathenge amabhisikidi esitolo sakhe kodwa akukwazi ukuthi kungasolwa bona.

“Asikho isiqiniseko sokuthi ubulawe amabhisikidi. Kufanele silinde umbiko wokuhlolwa kwesidumbu. Nathi asikwenzi ukudla sikuthenga ezitolo ezinkulu.”

“Kunemininingwane emaphaketheni ukuze amakhasimende akwazi ukushaya ucingo uma kunezikhalazo ngemikhiqizo.”

Okhulumela uMnyango wezeMfundo uSteve Mabona uthe amaphoyisa aphenya icala ngalesi sigameko.

“Uphiko lwethu olusiza abantu abahlukumezekile ngokwengqondo luzosatshalaliswa esikoleni ukuze lunikeze usizo lokwelulekwa ngokwengqondo kubo bonke abathintekile.

“Siyabanxusa abazali ukuthi baqaphele izinto ezidliwa izingane zabo,” kusho uMabona.

Esithombeni esingenhla: URefilwe Usman (6) oshone ngemuva kokudla amabhisikidi esitolo sendawo.

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva