
Celani Sikhakhane
Babalelwa ku-23 abayizishoshovu ze-Abahlali baseMjondolo asebebulewe ezigamekweni ezinyantisayo kusukela ngo-2009 kanti abahlali basemijondolo bathukuthelele i-ANC ngalokhu.
Ngesonto eledlule umholi wophiko lwabesifazane le-Abahlali baseMjondolo uNokuthula Mabaso ubulawe phambi kwezingane zakhe esemzini wakhe ose-Khanana.
I-Daily Maverick ibika ukuthi ubengufakazi oqavile ecaleni lokubulawa komunye umholi u-Ayanda Ngila owabulawa e-Cato Manor ngoNdasa.
I-Scrolla.Africa siyaqonda ukuthi ubudlelwano phakathi kweNhlangano i-Abahlali baseMjondolo ne-ANC bumuncu ngenxa yezinsolo zenkohlakalo ekukhishweni kwezindlu nokudayiswa komhlaba.
Abanye osomabhizinisi baphinde basolwa ngokusoconga abaholi be-Abahlali baseMjondolo osekuphoqe uNobhala-Jikelele uMnu S’bu Zikode ukuthi ayocasha.
UZikode uthe kukhona abathile kwi-ANC kanye nosomabhizinisi abanamandla abafuna ukudayisa umhlaba ukuze kuthuthukiswe indawo.
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa elapho acashe khona uZikode uthe indawo okukhulunywa ngayo ise-Khanana.
“Bake bazama ukusebenzisa izikhungo zikahulumeni ukukhipha abantu kodwa sabahlula enkantolo manje bayasibulala,” kusho uZikode.
OwayenguNgqongqoshe eKZN manje osejutshwe njengePhini likaNgqongqoshe wake wasolwa ngokuba nesandla ekubulaweni kwabaholi bale nhlangano.
Ngo-2016 lowo owayeyiMeya yeTheku uZandile Gumede wazama ukwakha ubudlelwano phakathi kweNhlangano i-Abahlali baseMjondolo nenhlangano yakhe.
Baze bavotela i-ANC eThekwini ngaleso sikhathi.
UZikode uveze ukuthi kusukela ngo-2009 babalelwa ku-23 abantu asebebulewe.
Okhulumela i-ANC esifundazweni uMnu Nhlakanipho Ntombela ubuze ukuthi kungani abaholi benhlangano yabaHlali bbaseMjondolo bengavuli amacala uma bazi ukuthi babulawa ngabaholi be-ANC.
“Ikhansela lethu e-Cato Manor linobudlelwano obuhle nabahlali baseMjondolo, ngakho asazi ngempela ukuthi ngobani abaphehla ukubulawa kwabantu, uma benobufakazi kufanele baye emaphoyiseni,” kusho uNtombela.
Uthi uma bengawathembi amaphoyisa kumele baye ezinhlakeni ezifana ne-Independent Police Investigative Directorate noma ithimba lezepolitiki elakhiwe nguNgqongqoshe uBheki Cele noma uMvikeli woMphakathi.
Okhulumela amaphoyisa uLt Colonel Nqobile Gwala uthe kusaphenywa ngalolu daba.
“Abaseshi basebenza ngokuzikhandla futhi balandela yonke imikhondo mayelana nabasolwa abathinteka ecaleni lokubulala,” kusho uGwala.