Kusolwa abashayeli bamaPolo nabamatekisi ngezingozini zomgwaqo

Celani Sikhakhane

Ucwaningo lukuqinisekisile lokho okuhlezi kucatshangwa ngabantu ngabashayeli bama-Polo namatekisi.

Kuthiwa abashayeli balolu hlobo lwezimoto, Winona abadala kakhulu izingozi ezinyantisa igazi emigwaqeni yaseNingizimu Afrika.

Abashayeli bamatekisi balandela abama-VW Polo njengoba kuyibo abadala izingozi kakhulu.

Esitatimendeni i-Road Traffic Management Corporation (RTMC) ithe abashayeli bama-Polo, ama-Toyota Hilux nama-Quantum yibona abashayela budedengu emgwaqeni futhi yibona abakhokha inhlawulo yomgwaqo ukudlala abashayeli bezinye izimoto.

“Ukuhlaziywa kwezimoto ezingu-20 ezihamba phambili ezibandakanyeke ezingozini ezibulala abantu abaningi kukhomba ukuthi i-Volkswagen Polo, i-Toyota Hilux ne-Toyota Quantum yizona ezibandakanyeka ezingozini ezingu-43.2% ezibulale abantu,” kusho i-RTMC.

Ocwaningweni olushicilelwe ngenyanga edlule olunesihloko esithi-South African Crashes in Context, kuvele ukuthi lezi zinhlobo ezintathu zezimoto zibandakanyeke ezingozini ezibulale abantu abangaphezu kuka-6,000 emigwaqeni phakathi kukaMfumfu wango-2017 noNhlangulana wango-2021.

Ukugijima ngesivinini kwama-Toyota Quantum kuchazwe njengokungamukelekile neze kanti ucwaningo luveze ukuthi lokhu kudinga ukunakwa okujulile yiziphathimandla.

“Nakuba kulindelekile ukuthi izimoto ezithutha umphakathi zibandakanyeke engozini ngenxa yokuthi zihamba njalo emgwaqeni futhi zihamba amakhilomitha amaningi uma ziqhathaniswa nezinye, igalelo lazo ngokushona kwabantu lisalokhu liphezulu ngendlela engamukelekile uma kubhekwa lokho ngoba zingu-3.3% sezizonke,” kusho i-RTMC.

Abashayeli be-Nissan NP200 kanye ne-Ford Fiesta bashayela kahle kakhulu emgwaqeni njengoba bebandakanyeka ezingozini ezimbalwa futhi bathola izinhlawulo ezincane zomgwaqo.

Scrolla World Cup Quiz