Kusolwa abalisa ababili ngokudlwengula intombazanyana (8)

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Izakhamizi zasemijondolo yase-Eyadini e-Phillipi, eKapa zishaye amadoda amabili asolwa ngokudlwengula intombazanyana eneminyaka eyisishiyagalombili. 

Owayeyisoka likamama kanye nesoka lamanje kusolakala ukuthi badlwengule le ntombazanyana.

Okhulumela amaphoyisa e-SAPS e-Western Cape u-Warrant Officer Joseph Swartbooi uthe abasolwa babalekile endaweni yesigameko kanti basazoboshwa.

Uthe umphenyi we-SAPS eNyanga oPhikweni oluThinta uDlame loMndeni, ukuVikelwa kweZingane kanye naMacala oCansi “ulandela yonke imigudu ekhona emzamweni wokuqinisekisa ukuthi bayaphumelela futhi babopha abasolwa”.

USwartbooi unxuse noma ngubani ongaba nolwazi ukuthi ashayele i-Crime Stop ku-08600 10111.

Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi e-Western Cape, uMonique Mortlock-Malgas uthe osonhlalakahle abavikela izingane bazohlola ukuphepha kanye nobungozi.

“Ngokuya ngomphumela wokuhlolwa, usonhlalakahle angase akhiphe ingane endaweni ngokuphuthumayo futhi ayibeke kwenye indawo yokunakekelwa, kumzali ophephile. Lokhu kuzogunyazwa imantshi eNkantolo yezingane engakapheli amahora angu-48,” kusho uMortlock-Malgas.

Uma ingane isisusiwe endaweni, imantshi ikhipha isinqumo ngokuqhubeka nokubekwa kwengane ngesikhathi uphenyo lokuvikela ingane lusaqhubeka.

UMnuz Mlungiseleli Dayeni oyilungu lesigungu somphakathi Eyadini uthe bezwe ngalesi sigameko ngoMsombuluko.

“Sizwile ukuthi sekunesikhathi lokhu kwenzeka. Lowo owayeyisoka kuthiwa waqala esathandana nomama womgilwa waqhubeka noma sebehlukene,” usho kanje.

“Ngisho nesoka lamanje lisolwa ngokwenza into efanayo. Siyethemba ukuthi i-SAPS izowenza umsebenzi wayo ukuze sithole iqiniso. Bengingekho ngesikhathi behlaselwa kodwa ngizwile ngakho.”

Abasolwa kuthiwa bebedlwengula ingane ngesikhathi unina eyishiye ezandleni zabo.

Ilungu lomndeni litshele i-Scrolla.Africa ukuthi abakakakulungeli ukuphawula ngalesi sigameko. 

Esinye isakhamuzi sase-Eyadini sithe umama “ubengenandaba nengane futhi ufanelwe ukuboshwa. Ngiyethemba ukuthi osonhlalakahle bazoyithatha ingane ngoba kuyacaca ukuthi ayiphephile.”

Esithombeni esingenhla: Ukuhlukunyezwa kwezingane. 

Umthombo wesithombe: Stock

Izihloko zakamuva