Kusolwa abafundi ngokushiswa kwesikole

Lubhalwe nguLinda Ximba

Kusolwa abafundi base-Edumbe KwaZulu-Natal ngokushisa isikole sabo.

Ukushiswa kwesikole kusolwa ukuthi kudalwe isinqumo sikathishomkhulu sokunqaba ukusingatha umcimbi wokuvalelisa umatikuletsheni (matric dance). 

Amagumbi amathathu esikole samabanga aphezulu i-Kanye Kanye  angqongqiswe ngomlilo ngoMgqibelo nokushiye abafundi bengenawo amagumbi abazofundela kuwo.

IMeya yase-Edumbe uSibusiso Mkhabela, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bakholelwa ukuthi lo mlilo uqalwe iqulu labafundi abangeneme ngesinqumo sikathishomkhulu.

Abafundi kuthiwa bathuke kwaphela nasozwaneni ngesikhathi uThishomkhulu kanye nebhodi elilawula isikole bethatha isinqumo sokuthi umcimbi ungabi khona kulo nyaka ngemuva kokuthi umcimbi wangonyaka odlule uphele ngenhlekelele.

“Emcimbini wokuvalelisa ngonyaka odlule ziningi izinto ezimbi ezenzekile,” kusho uMkhabela.

“Abafundi abalawuleki ngemuva kokuphuza utshwala.”

Ngemuva kokubona isikole sishile uMkhabela uthe, “kuyadumaza ukubona isikole senziwe ngale ndlela.”

“Siyethemba ukuthi abomthetho bazobopha labo abenze ububi.”

I-National Freedom Party (NFP) isinxuse uMnyango wezeMfundo eKZN ukuthi uphuthumise ukuhlinzekwa konogada ezikoleni.

Okhulumela iqembu, uCanaan Mdletshe uthe izikole ikakhulukazi ezisezindaweni zasemakhaya zidinga ukuqiniswa kwezokuphepha ngokushesha.

“Akekho owaziyo ukuthi ngubani oshise isikole, kodwa izinsolo zithi ngesonto eledlule abafundi bebebhikisha.”

UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMbali Frazer uchaze lesi sigameko njengokufanayo nobugebengu.

Uthe nakuba uMnyango wakhe uzama kanzima ukuqinisekisa ukuphepha ezikoleni, ngamalungu omphakathi okumele aqinisekise ukuthi izikole zivikelekile ezigebengwini ezifuna ukucekela ikusasa lezingane zabo phansi.

“Imfundo iwudaba oluthinta umphakathi ngakho-ke iwona uqobo umphakathi okufanele uqinisekiswe ukuvikelwa kwezikole.”

Uthe uMnyango uma uzovikela izingane nomphakathi kumele uzibophezele ekuvikeleni izingane zabo.

“NjengoMnyango singaqasha onogada abayishumi noma ngaphezulu esikoleni esisodwa, kodwa uma umphakathi ngokwawo ungadlali indima yawo ukucekelwa phansi kwezikole ngeke kuphele,” kusho uFrazer.

Izihloko zakamuva