Everson Luhanga
Izigebengu zihlasele esiteshini samaphoyisa e-Alexandra, zantshontsha amakhompiyutha, amajakhethi amaphoyisa asemthethweni zaze zeba izinkomishi neketela ekhishini lesiteshi.
Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi kuboshwe indoda eyodwa kulandela lesi sigameko, kodwa ngokusho kwephoyisa elilodwa elisebenza esiteshini, akhona amanye amaphoyisa asebenzisana nezigebengu zendawo.
Iphoyisa, elingathandanga ukudalulwa, lithe izigebengu zigqekeze ihhovisi labaseshi zeba amakhompiyutha ayishumi, ngaphambi kokuthi ziphinde zebe ama-monitor ehhovisi lophiko lwabaseshi.
Izigebengu azigcinanga lapho; zingene ekhishini zantshontsha izinto zasekhishini.
“Bathathe izinkomishi neketela ekhishini,” esho.
Ngale kwesiteshi samaphoyisa, baqonde ehhovisi lenkundla yamaphoyisa omphakathi (i-CPF) lapho abafike bantshontsha khona ikhompiyutha nezihlalo eziyi-18.
“Babe sebecekela phansi umshini wokupholisa umoya ngemuva kokugqekeza isicabha,” kusho leli phoyisa.
“Baphinde bantshontsha amajakhethi amabili amasha sha obekumele anikezwe abaqaphi e-Alex Plaza lapho okunendawo yokudayisa.”
Izingubo zamaphoyisa ezebiwe ziyimbangela enkulu yokukhathazeka njengoba izigebengu zingazisebenzisa ukuze zizenze amaphoyisa.
Imithombo eminingi esiteshini samaphoyisa iveze ukuthi akukhona okokuqala kugqekezwa isiteshi samaphoyisa i-Alex.
“Zike zaba khona izigameko ezifana nalezi phambilini lapho ihhovisi lokubhalisa izibhamu lagqekezwa khona kwebiwa amakhompiyutha alo,” kusho leli phoyisa.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saseGoli uLieutenant Colonel Brenda Muridili ukuqinisekisile ukuthi kuze kube manje uyedwa oboshiwe ngecala lokugqekeza.
“Sibophe umsolwa ngecala lokugqekeza kwelinye lamahhovisi kanti abaseshi basaphenya amacala,” kusho uMuridili.
“Selokhu kwenzeke lesi sigameko, isiteshi besilokhu sithuthukisa ezokuphepha endaweni,” echaza.
USihlalo we-CPF yase-Alexandra uChris Mabunda utshele i-Scrollla.Africa ukuthi izinga lobugebengu liphezulu kakhulu elokishini kangangokuthi amaphoyisa amaningi awafuni ukusebenza khona ngoba esabela izimpilo zawo.
Abaningi bathuthile bayosebenza kweminye imiphakathi lapho abazizwa bephephe khona kunase-Alex.
UMabunda wengeze ngokuthi ubugebengu obuphezulu kuleli lokishi bubangelwa ukugcwala kwabantu abafuna impilo engcono eGoli.