Kusocongwe ummeli wamalungelo abantu eSwazini 

Lubhalwe nguLungani Zungu

Kudutshulwe kwabulawa ummeli odumile wamalungelo abantu eSwatini uThulani Maseko ngoMgqibelo. 

Ukubulawa kwakhe kwenzeke ngemuva kwamahora ambalwa iNkosi uMswati wesithathu ekhiphe isexwayiso esibuhlungu ngalabo abamelene nombuso.

Ukushona kukaMaseko kuqinisekiswe ngunkosikazi wakhe uTanele Maseke ngokusho kwe-New Zimbabwe.

UMaseko obegxeka kakhulu ukubusa kweNkosi uMswati iminyaka engaphezu kwamashumi amathathu  udutshulwengenhlamvu engene efasiteleni emzini wakhe ose-Luyengo.

“Udutshulwe ngenhlamvu engene ngefasitela ngesikhathi engaphakathi endlini nomndeni wakhe,” kusho uSikelela Dlamini okhulumela amaqembu aphikisayo.

Kwenzeka lokhu nje kuthiwa iNkosi uMswati uxwayisa labo abamgxekayo futhi waqinisekisa ukuthi abantu bakhe bazobhekana nalabo abaphikisana naye. 

“Laba bantu baqale udlame kuqala, kodwa uma umbuso usubasukumela phezulu ngezenzo zabo basusa umsindo besola iNkosi uMswati ngokuletha onogada,” kucashunwa okushiwo iNkosi.

UMaseko wayenguSihlalo we-MultiStakeholder Forum eyadalula ukuhlukunyezwa kwamalungelo abantu eSwatini yaphinde yafaka iNkosi uMswati phakathi kwalabo abenza lokho.

Lokhu kwaholela ekubeni igama lakhe lifakwe ohlwini lwezitha zeNkosi. Ngo-2014, uMaseko waboshelwa ukudelela iNkantolo ngemibhalo yakhe eyayigxeka uhulumeni namaJaji.

Umbuso usuneminyaka eminingi ubhekene nezinxushunxushu. Kwashuba ngo-2021 ngemuva kokuthi izakhamuzi eziningi ebezingagculisekile ziqunge isibindi zaphonsa inselelo kwiNkosi uMswati zifuna izinguquko kwezombusazwe.

Baningi abantu asebebulewe kanti abanye banyamalala kungaziwa ukuthi bashonaphi selokhu kwasuka lezi zinxushunxushu. Inqwaba yabanye iboshwe ngaphandle kokuqulwa kwamacala, ngokusho kwe-People’s United Democratic Movement  okuyiqembu elikhulu eliphikisayo eSwazini.

Ukushona kukaMaseko sekudale ukungezwani kuhulumeni ogcwele abalandeli beNkosi uMswati.

Intatheli ezinze e-Zimbabwe uHopewell Chin’ono uthe ku-Twitter: “Ukubulawa kabuhlungu kommeli wamalungelo abantu waseSwazini kuyisikhumbuzo esibuhlungu sokuthi izikhulu zezombusazwe ezikhohlakele zizimisele kanjani ukwenza noma yini ukuvala amazwi asekela intando yeningi.”

Isithombe esingenhla: Ummeli wamalungelo abantu obulewe uThulani Maseko

Umthombo wesithombe: @SwaziNews

Izihloko zakamuva