Kusocongwe owesifazane ngezinsolo zombango womuzi

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Umbango oshubile mayelana nobunikazi bomuzi waKwa-Thema, Ekurhuleni uphethe ngokuthi kubulawe owesifazane esigamekweni okusolakala ukuthi senzeke ngoLwesithathu ntambama.

Sekuphele izinyanga uNocawe Vilakazi (43) enqaba ukunikeza izihlobo umuzi wabazali bakhe.

NgoLwesithathu ntambama udutshulwe wabulawa indoda engaziwa ehleli emotweni yakhe nomzala wakhe.

Umzala kamufi ocele ukuthi igama lakhe lingadalulwa, uthe bebehlezi emotweni kaVilakazi belinde ukulungiswa kwesondo ngesikhathi ezwa kuqhuma isibhamu.

“Ngesikhathi ngiphakamisa amehlo ngibone amathanga kaVilakazi egcwele igazi nekhanda lilenga lingaqondile. UVilakazi akazange akwazi nokumemeza.

“Ngivele ngabona ngaleso sikhathi ukuthi ushonile,” enezela.

UVilakazi wathola ifa lomuzi kayise ngemuva kokushona kwabazali bakhe ngo-2021 nakulo nyaka ngemuva kwalokho waqala ukuhlala kulo muzi.

Umuzi bekungokagogo ozala uyise owawunika indodana yakhe uyise kaVilakazi.

Kusolakala ukuthi abazali bakaVilakazi banquma ukudayisa umuzi wabo ukuze bahlale kulo muzi oyifa njengoba ugogo ayecele ukuthi umuzi ungadayiswa uma eseshonile.

Ubabekazi kamufi uPatricia Soqinase naye obehlala kulo muzi uthe bebesatshiswa ngokubulawa ngamadoda angaziwa ethi baphume endlini.

“Impi yaqala ngemuva kokushona kukayise kaVilakazi ngo-2021 lapho udadewabo ayefuna unina kaVilakazi aphume endlini ethi yena kanye nodadewabo bangabanikazi bendlu njengoba umfowabo eseshonile.

“Lokhu kwamcasula umama kaVilakazi, waze wamelwa inhliziyo wangeniswa e-ICU nokuyilapho ashonela khona,” esho.

Ngemuva kwesonto eshonile, izihlobo zikaVilakazi zathi akakhiphe zonke izimpahla zikanina endlini.

USoqinase wengeze ngokuthi ezinyangeni ezedlule bathuswe iqulu lezinkabi ebezibasabisa zithi baphume endlini. Bazamile ukushintsha izingidi zendlu kodwa behluleka.

“Kuze kwadingeka ukuthi uVilakazi abize amaphoyisa. Uye wafaka isicelo sencwadi yokuvikela wavula necala lokungena emagcekeni alo muzi ngaphandle kwemvume,” kwengeza uSoqinase.

Okhulumela amaphoyisa ase-Springs, uSayitsheni Themba Tshabalala ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokubulala.

Amaphoyisa athe asola ukuthi ukufa kukaVilakazi bekuhlosiwe kodwa okwamanje bekungakaboshwa muntu.

Esithombeni esingenhla: UNocawe Vilakazi (43)

Umthombo wesithombe: sithunyelwe

Izihloko zakamuva